Abantu bahle kakhulu ekumosheni izinto. uAdamu nguye owadlala indima ekumosheni izinto Ensimini yaseEdeni! Sonke sinomfuziselo okanjalo. Siphendula into enhle, elungile siyenze inhlakanhlaka, senze izimo ezimbi zibhede kakhulu ngenxa yokubhekana ngendlela engalungile nezimo. Kodwa, njengaMakrestu, omunye nomunye wethu unamandla, ngaye uMoya Ongcwele kaNkulunkulu ukuthi siphinde silungise izinto.

Yikuphi okuyiqiniso ngawe namhlanje? Ngakube ukuba khona kwakho `kulesisikhathi somlando wasemhlabeni kwenze izinto zaba zimbi kakhulu, noma kuzenze zangcono? Ngakube iqhaza lakho olindlalayo kubudlelwano onabo nabantu , lenza ubudlelwano buthokozeleke kakhulu noma kancane? Ngakube empilweni yakulomhlaba iqhaza lakho ukuthatha kakhulu ngaphezu kokuba unikela, noma unikela kakhulu ngaphezu kokuba uthatha?

Ngakube uyilomuntu ongaphendukile ongaboniseki, odlebelekile, ozikhukhumeza emhlabani ngamalungelo anawo? Ngakube u-Izaya 10:12-13 uchaza indlela yakho yokubuka izinto, uma kuwukuthi akuyona futhi indlela echaza izenzo zakho? UJuda wayeyiloluhlobo lomuntu, ukuhlaziywa kwempilo yakhe siyakunikezelwa kwincwadi-ngokukaMakhu 14:21 “Kuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

Noma uyisibonelo somuntu ohlengiwe owesaba uNkulunkulu, onomuzwa wokulungisa zonke izinto eziseduzane kwakhe ukuba zibonakalise udumo lukaNkulunkulu ( 1 KwabaseKhorinte 10:31)? IZaga 16:7 ngelinye lamavesi anikezela ukuhlaziywa kwempilo yalowo othokozisa uNkulunkulu.

Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.

Langazelela ukwenza yonke imicabango, wonke amazwi kanye nazo zonke izenzo ukuba kuhambelame nodumo lukaNkulunkulu, ngaleyondlela uzokuba nomthelela omuhle ngisho nakuzo izitha zakho- UNkulunkulu uyakukwenza lokhu.