Icebo likaPawuli lokubhekana nokufa kwakuwukuthi akhulise ukulangazelela kwakhe IZulu, kodwa lokho akumenzanga uPawuli ukuthi angazweli kwizindlela zasemhlabeni ezibanga ukufa. Ungumuntu owahlushwa, waba nokudideka, wazingelwa, wagqilazwa kabuhlungu izinhlupheko zalelizwe. Icebo likaPawuli lokufa lalifaka phakathi nesibindi– isibindi ngokwanele ukuba angabhekana nendlela ebucayi kakhulu yokufa kodwa yena egcwele amandla ngokomoya.
Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa. Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.
2 KwabaseKhorinte 4:16-18
Yini esinikezela isibindi ukuba sife ngosuku lapho Inkosi isibizela ekhaya?
Okokuqala, isibindi sethu sokubhekana nokufa siza ngokuthi siqhathanise amandla ethu enyama namandla ethu akamoya. Kuyiqiniso elimangalisayo ukuthi, ngenkathi impilo kubukeka engathi ithena imizimba yethu amandla kwisikhathi sonke sikulempilo yasemhlabeni, imiphefumulo yethu kubekeka ivelela! Ngesikhathi kukuncane ukunethezeka kulomhlaba, sithola ukunethezeka okukhulu eZwini likaNkulunkulu. Ngesikhathi kukhona ubuhlungu obukhulu kulomhlaba, sithola ukukhululeka ekudlinzeni ngokwasezulwini. Ngesikhathi kukhula ubuthaka emizimbeni yethu, sithola amandla emithandazweni yethu esiyimbekise kuNkulunkulu. Ngesikhathi kuyangokukhula ukuhluleka ukufeza umsebenzi wethu wenyama, sisawuthola umusa wokufeza umsebenzi wethu kamoya. Isibindi sethu sokubhekana nokufa siza kubudlelwano obushayisanayo bemizimba yethu nemiphefumulo yethu.
Okwesibili, isibindi sethu sokubhekana nokufa siza ngokuqhathanisa izinga lezinhlupheko zamanje nezinga lenkazimulo ezayo.Izinhlupheko zamanje, yize zinzima ngokungokwazo, “zingezesikhashana” futhi “zilula” uma kuqhathaniswa “nesisindo saphakade” senkazimulo ezayo. Isibindi sethu sokubhekana nokufa akukona nje “ukuya endaweni engcono”, kodwa “ukuya endaweni emangalisayo ukwedlula izinhlupho zethu ezibuhlungu”
Okwesithathu, isibindi sethu sokubhekana nokufa siza ngokuthi sishintshe ukugxila kwethu. Isibindi sethu siyangokwehla, bese thina siya ngokukhathala, ngesikhathi sibuka imizimba yethu yasemhlabeni ibhekene nezinhlupheko sakulomhlaba. Kodwa siba nesibindi kabusha futhi uma sibheka kuKhristu, naseZulwini, naseSiphambanweni, nakwinkazimulo kaBaba. Ngisho noJesu, ekubeni ngumuntu ngokugcwele, wabekezelela isiphambano ngenxa yomkhuleko othi “kungabi njengokuthanda kwami, kodwa kube njengokuba Uthanda Wena”!
Kuthatha isibindi ukufa. Kodwa leso sibindi siza ngobuningi kubo bonke abazovuselela imiphefumulo yabo, baqonde inkazimulo yaseZulwini, babuke badlule kulomhlaba babheke lokho okuzayo.