Incwadi kaFilemoni ayikhulumi ngemigomo yobugqili eyayibekiwe ngezikhathi zeTestamente Elisha, kodwa ikhuluma ngokuba usizo emsebenzini woBukrestu ngisho kukhona ukungaboni ngasolinye okungenzeka kuqubuke. Kodwa, incwadi kaFilemoni iyakuveza ukuthi uMphostoli uPawuli wabhekana kanjani nodaba lokuziphatha olubalulekile olwalunzima futhi luyinkinga ayebhekene nayo. Wayekade edlale indima ekhuthazayo empilweni yensindiso yensizwa eyayisencane. Okwahamba wathola ukuthi yize lensizwa yayiwusizo emsebenzini weNkosi ayewenza, yayiyisigqila somunye owayenguMzalwane. Ngokomthetho owawumisiwe, uPawuli wayengenakukwazi ukuyigcina lensizwa ukuba asebenzisane nayo emsebenzini weNkosi- yize wayengaba nalo ilungelo ngokukamoya lokukwenza. Kunalokho uPawuli wayithumela emuva insizwa kuyo inceku yayo. Kuyona ke lencwadi eyayibhalelwe uFilemoni sithola uPawuli enikezela umqondo kulona lonke loludaba.

Uma ubhekene nodaba lapho kungelula ukuthi ubheke ukuthi yikuphi okuyikona okulungele ukuba kwenziwe, nasi isibonelo ongasilingisa ukuqinisekisa ukuba izenzo zakho ziyayithokozisa iNkosi.

1. Khumbula ukuthi uyisigqila sokulunga

NjengaMakrestu sinesibopho sokwenza izinto ngendlela elungile- hhayi nje ngendlela yokulunga ekuvamise ukuba kukhulunywe ngayo, kodwa okubalulekile kakhulu, ukulunga okulungile emehlweni kaNkulunkulu. Ungenzi kuphela nje okuncane okuzokwamukeleka, kodwa yenza lokho okuyakuthiwa kuwuthando emehlweni kaNkulunkulu.

Funda kuFilemoni 1:8-11

2. Lalela imithetho yezwe lakho

Asimulaleli uhulumeni ngendlela esenza singalaleli uNkulunkulu (Izenzo 5:29). Kodwa okukhulu, ukuthi ukulalela kwethu uNkulunkulu kuzosidinga ukuthi silalele imithetho yezwe lethu. Njengowayehamba evangela, uPawuli wayengayigcina insizwa le eyayisencane ngenxa yokuba kwayo usizo kuyena uPawuli, kodwa ukugcina lokho umthetho wezwe owawukusho, uPawuli wayithumela emuva kuFilemoni ukuze uFilemoni, njengomphathi wakhe, ezokwenza isinqumo esilungile ngokuba usizo kwalensizwa.

Funda kuFilemoni 1:12-14

3. Bonga ukulawula kukaNkulunkulu izinto zonke

Ngenkathi uPawuli ebhekesisa zonke izinto eziningi ezisebenze ndawonye ukuze kubekhona lesisimo esididayo, kube sobala kuye ukuba kunesandla sikaNkulunkulu esikuhlanganise ndawonye konke lokhu. Imigomo elungile yokwenza izinto kungaba nzima ukuyicubungula, kodwa okuyikho esingakufunda kuyo ukuthi icebo likaNkulunkulu lingaphezulu kunalokho esikubinayo thina. Bheka isandla sikaNkulunkulu kukho konke ukwenzeka kwezinto, ngisho nezimo ezinzima zinakho okungasenza sidumise.

Ngenkathi uPawuli ebheka zonke izinto eziningi ezasebenzelana ukukhiqiza loludaba oludidayo, akazange aze akwazi ukunganaki isandla sikaNkulunkulu kusona sonke lesisimo.

Funda kuFilemoni 1:15-16

4. Thobeka ngaphansi kobuholi bakho bukamoya

UPawuli wayengumfundisi kaFilemoni ngezindlela eziningi. Ngaleyondlela kwakumele akuthathele phezulu ukululekwa okuvela kuPawuli. Ngisho nakhona uFilemoni ebhekene nendida ngaphansi kwemigomo elungile yokwenza izinto maqondana nokwamukela isigqili esasiyisigebengu kodwa esesiphendukile, wayengenakukwazi ukuvele enze njengalokho umthetho wezwe wawudinga noma ngendlela yena afuna ngayo. Kwakumele futhi acabange ngeseluleko esizevela kubuholi bakhe bukamoya. Kwizingqinamba ezingafundisiwe ngokucacile eZwini likaNkulunkulu elibhaliwe, uNkulunkulu uyasihola ngobuhlakani kwalabo asebevuthiwe.

Funda kuFilemoni 1:17-21

5. Bhekisisa ubufakazi bakho boBukrestu nomsebenzi owenzayo wokukholwa

Lokhu ukuhlolisisa kokugcina okuhle okuphathelene nezingqinamba zemigomo emihle yokwenza izinto. Ungabheki kuphela inkinga obhekene nayo nokuthi ikuphethe kanjani, kodwa bheka ukuthi lokhu kungaphendulwa kanjani kube ngubufakazi ngeNkosi. Ukuzi phatha kwakho njengoMzalwane nobufakazi babanye Abazalwane kuyabhekisiswa ngabanye kakhulukazi lapho kumele kwenziwe izinqumo ezinzima. Yima ube ngothembekile eNkosini kwizinto zonke.

Funda kuFilemoni 1:1-7 no Filemoni 1:22-25.

Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

1 KwabaKhorinte 10:31