Isifundiso seZwi esifushane ngaBantu

A brief theology of Mankind

Abantu badalwa ngqo nguNkulunkulu ngomgomo wokuba basebenze kulomhlaba, bawugcwalise, bese bebusa phezu kwawo (Genesisi 1:28). Abantu badalwa kwaba ngowesilisa kanye nowesifazane (Genesisi 1:27). Umshado ngaleyondlela uphakathi kwendoda nowesifazane (Genesisi 2:24).

U-Adamu no-Eva bona kuNkulunkulu (Genesisi 3), umphumela walokho, yonke Indalo iqalekisiwe (Roma 8:21-22) futhi abantu bazalelwa esonweni (Roma 5:12) futhi ngokwemvelo bayona kuNkulunkulu (Roma 3:23). Abantu ngaleyondlela bazokwahlulelwa nguNkulunkulu Ekugcineni (Roma 2:6-8).

Ukusindiswa esonweni kungenzeka kuphela ngomuntu uJesu Khristu (Roma 5:17-18).

Simiselwe ukuba siphenduke ezonweni zethu (Izenzo 17:30-31) nokuthi sidumise uNkulunkulu kukona konke esikwenzayo ( 1 Khorinte 10:31).

Scroll to Top