Isifundiso seZwi esifushane seNtando kaNkulunkulu

A brief Theology of the will of God

“Intando kaNkulunkulu” ingenye yezihloko ezibonakala zinzima ngendlela enemfihlakalo ukuqondwa kwinkolo yoBukhrestu, kodwa akukho sizathu esihle sokuba kube njalo. “Intando kaNkulunkulu” ichazwe ngokucacile kithi eZwini Lakhe elambulwe nguMoya oNgcwele.

Intando kaNkulunkulu ngomunye nomunye wethu iyinto esingayiqonda ngokuvuselela izingqondo zethu ngemiBhalo, bese sikwazi ukuhlukanisa ngalowo mqondo oguquliwe ukuthi iyiphi inqubekela phambili enhle, eyamukelekayo, nephelele evela kuNkulunkulu (KwabaseRoma 12:2). Akuyona into okufanele siyithole ngaphezu kokuba kuyinto okumele siyazi (kwabaseKholose 1:9) futhi siyizwisise (Efesu 5:17). Empeleni, kufanele siqiniseke ngokuphelele ngentando kaNkulunkulu ngathi (kwabaseKholose 4:12)!

Isizathu sokuba siyiqonde futhi siyazi intando kaNkulunkulu ukuthi intando kaNkulunkulu inenjongo ecacile kakhulu (Efesu 1:5) futhi iqondisa wonke amacebo Akhe (Efesu 1:11). Ngaphezu kwalokho konke, noma ngokuvamile ibonakala iyimfihlakalo enkulu kubantu, Yena, ngokwengcebo yomusa Wakhe, uyenzile yazeka kithi (Efesu 1:9).

Intando kaNkulunkulu yinto esikwazi ukuthib siyilale ngokuthobeka, hhayi kuphela ngezenzo zethu zangaphandle, kodwa ivela ezinhliziyweni zethu uqobo (Efesu 6:6). Empeleni, kufanele igcwalise izicelo zemikhuleko yethu (1 KaJohane 5:14; Hebheru 13:20-21). Iyisilinganiso esisisebenzisayo ukuvuma nokushiya izono zethu (u-Ezra 10:11); iyisilinganiso esisisebenzisayo ekukhonzeni abanye (IHubo 103:21); yinto okufanele siyilalele (Marku 3:35); yinto okufanele siqhubeke siyilalela noma kunzima (Hebheru10:36); futhi iyona eyenza sikwazi ukuhlala sinokumesaba uNkulunkulu noma ngabe kwenzekani emhlabeni (1 KaJohone 2:17).

Sibophezelekile ukwanda olwazini lwentando kaNkulunkulu ukuze sikhonze, sikhuleke, futhi silalele kangcono.

Scroll to Top