“INdumiso” ngelishwa akuqondwa kahle ngaMakrestu namhlanje. Kukhulunywa kakhulu ngohlobo lomculo ovumelekile/nongavumelekile, ukugcizelela okuyihaba noma ukungayinaki indaba yemizwa uma kudumiswa, nezinye eziningi izinto ezikanje ezingeyona into okuyiyo ehamba phambili kuwo uMbhalo uma sekuziwa kwisifundo sezenkolo ngokuNdumiso.
Njengamakrestu sinoMbhalo, kuwona sinezibonelo eziningi nezifundiso ngokudumisa kangangokuba akumele siphazamiswe indlela yokudumisa ebilokhu ishintsha shintsha emlandweni wonke.
KwiHubo 9 kukhona enye yezibonelo ezinhle eziwumyalelo wokudumisa kweqiniso. Yiculo elinoshuni walo. Kodwa lokho akungakukhohlisi uze ucabange ukuthi ukudumisa kwenzelwe umculo kuphela. Okuyizona izinto ezikhomba ukuthi yini ukudumisa akulona uhlobo lomculo noma ushuni kwiHubo 9, kodwa kunalokho ulwazi okuyilonalona ngoNkulunkulu nazo zonke izindlela ezahlukahlukene zokuphendula kulo lololwazi ngoNkulunkulu.
INdumiso, ngokweHubo 9, yilapho izimo zempilo yomuntu seziphenduliwe zaba isikhangiso seqiniso esilikholwayo ngoNkulunkulu.UDavide wadumisa ngokuzindla ngokubaluleka kakhulu kukaNkulunkulu (2b, 7a,19a,20a), ubulungiswa Bakhe (4-8), ukuvikela Kwakhe (9-10), kanye nokuhluka Kwakhe (3, 15-20).
Kodwa njengalokhu ukumdumisa kungeke kuhlale nje kwizidlinzo zohubayo, uDavide wakukhombisa ukudumisa kwakhe ngokubonga (1a), waphimisela ubufakazi (1b, 11b, 14a), ukumkhonza ngokwethaba (2a, 14b), yebo, impela nangalo ihubo (2b, 11a),kodwa futhi nangokumethemba nangomkhuleko (13).
Engathi IHubo 9 lingaba yisikhumbuzo sakho namhlanje hhayi kuphela ukumdumisa uNkulunkulu ngamaculo abhalwe kahle kanye noshuni wawo, kodwa kakhulukazi ngokudlinza ngesimilo nangemisebenzi kaNkulunkulu, nangokukhombisa ukumdumisa kwakho ngezindlela ezibonakalayo ngamehlo.