Sibonga igciwane, sikhunjuziwe ukuthi asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Zonke izinhlelo esizigqanja ngazo esasinazo eminyakene emibili edlulile kwafanela ukuba zicishwe bese esikhundleni sazo kufakwe u”LOCKDOWN”. Njengoba abahlakaniphile besho isikhathi eziningi “Bhala izinhlelo zakho ngepeni lomsizi”
uJakobe 4:13-17 usinikezela ubuhlakani ngesikhathi esifanele kodwa thina esifisa ukuba sasesikufundile vele ngonyaka odlulile. Kodwa, ngoba manje sesiyakuqaphela, singafunda kubona bese sibulalela.
Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.” Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala. Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.”Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.
Umthetho okuyiwo ochazwayo ukuba senze zonke izinhlelo zekusasa ngolwazi lokuba kuzophumelela ngaleyondlela kuphela uma kuyicebo likaNkulunkulu analo ngathi. Okuchazwayo okungamele sikwenze ukuba akusafanele siziphakamise ngezinhlelo zethu nangezifiso zokuphumelela engathi sinamandla okuphumelelisa konke inhliziyo yethu ekufisayo. Bese, lokho okukhuthazwayo ukuthi manje usuyakwazi lokhu nokuthi fanele uphile ngalendlela, ngaphandle kwalokho uzobe usuqhubekela ekoneni.
Lesi isifundo ngentobeko. Asinawo thina amandla okulawula siphumelelise zonke izinto; uNkulunkulu onalawomandla. Asilazi thina ikusasa; uNkulunkulu uyalazi. Asinaso nesincane isizathu sokuziphakamisa ngezinhlelo zethu zekusasa; kodwa singazigqaja ngentando kaNkulunkulu.