Isifundo seZwi esifushane ngeziNgelosi namaDimoni

A brief theology of Angels and Demons

Izingelosi zidalwe nguNkulunkulu ukuze zimsebenzele futhi zimkhonze eZulwini (Hebheru 1:6-7).

Izingelosi zinamandla amakhulu kakhulu (IHubo 103:20) futhi ziphakeme kunabantu ngokohlelo (IHubo 8:5), kodwa zingaphansi kukaNkulunkulu njengeNkosi yazo (zonke izindawo ezithi “USIMAKADE wamabandla” eMibhalweni).

USathane namadimoni yizingelosi ezavukela uNkulunkulu (Hez 28:13-16). Njengamanje zibusa phezu komhlaba (Efesu 2:2), kodwa zizojeziziswa ingunaphakade eChibini loMlilo (ISambulo 20:10).

Sibophezelekile ukwazi okufundiswa yiMibhalo ngezingelosi namadimoni, kodwa akufanele sizesabe (Roma 8:38-39) futhi akufanele sigxile kakhulu ekuzameni ukwazi okwengeziwe ngazo (Kholose 2:18-19).

Scroll to Top