Isifundo seZwi esifushane seNsindiso

A brief theology of Salvation

Ngaphambi kokudalwa komhlaba, uNkulunkulu wanquma ukusindisa izoni ezizokwenziwa zibe ngcwele (Efesu 1:4). Lokhu uNkulunkulu wakugcwalisa ngokuthi enze izoni ukuba zizalwe kabusha ngoMoya oNgcwele (ngokukaJohane 3:7-8) ngeZwi Lakhe ( 1 KaPhethro 1:23).

Insindiso iphumeleliswa ngokushintshanisa icala lezoni ngokulunga kukaKhristu ( 2 KwabaseKhorinte 5:21), ngaleyondlela kudalulwe izoni njengesezilungisisiwe (Roma 8:33).

Ubufakazi bensindiso ukuguqulwa okuqhubekayo kwezimpilo zethu kube yintando nodumo lukaNkulunkulu ( 2 Khorinte 3:18; Roma 12:2).

Akekho ongavimba icebo likaNkulunkulu lensindiso (Roma 8:38-39; ngokukaJohane 10:27-30) futhi Yena insindiso uzoyiletha lapho izopheleliswa khona ngokukhazimulisa abasindisiwe (Roma 8:29-30) ukuba babeNaye ingunaphakade ( 1 Thesalonikha 4:17).

Sibophezelekile ukuba siphenduke, sikholelwe kwiVangeli leNkosi uJesu Khristu (Makhu 1:14-15), sikhumule isono, sembathe ukulunga (Efesu 4:22-24), bese sibekezela kuze kube sekugcineni (Mathewu 24:13).

Scroll to Top