Isihambeli, iLunga bangena eBandleni

A Stranger and a Member Walk Into a Church

Uma kukhulunywa kuthiwa kunohlobo olubili lwabantu bebandla—yilabo uma befikile kumangala ibandla, nalabo abamangaza ibandla uma bengekho. Ngakube uyimpendulo yomkhulekho ebandleni uma ufikile, noma uwukukhathazeka ebandleni ngoba ubungekho enkonzweni?Ngakube ungena ebandleni njengomuntu ongaziwa noma njengelunga?

Incazelo yesimo sekholwa eBandleni likaNkulunkulu ichaziwe kwabaseEfesu 2:19-22.

Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, 20 nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, 21 okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, 22 okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

KwabaseEfesu2:19-22

Amakholwa eqiniso ayengabafokazi langa thizeni, kodwa asexhumelele kwiqoqo labangcwele, futhi asenziwe amalunga eBandla likaNkulunkulu. Isisekelo sethu yinkonzo eqoshiwe ephefumuliwe yabaphostoli nabaprofethi beTestamente Elisha, egcinwe ihlelekile nguNkulunkulu wethu noMsindisi wethu uJesu Khristu. Umphumela wukuthi ikholwa leqiniso ngalinye liyingxenye yokuzidalula kweBandla likaNkulunkulu lapho ngamunye wethu sikhula, futhi sixhumelele kwabanye ukuba sikhule ngokomoya.

Njengokuchaza kwabaseEfesu 4:16 maphampidlana kwencwadi, amakholwa eqiniso ebandleni lendawo asebenza njengamalunga asebenzayo, hhayi njengezihambeli,

okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo, ngokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, ukuba kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.

KwabaseEfesu4:16

Ngakho uma kungena isihambeli noma ilunga ebandleni, ngakube wena yikuphi oyikho?

Scroll to Top