Isikhathi lapho amakholwa engafikelwa ubuthongo aya…

When believers cant sleep They…

“Ubuthongo abufiki ebusuku”, “uma ngike ngaphazamiseka phakathi nobusuku ngaphaphama angibe ngisakwazi ukulala, ngivele ngiqwashe” nezinye eziningi izikonondo ezifuze lezi zinikezela ubufakazi besimo esithile sokuqwasha ebsuku. Imbangela kungaba uhhide lwezinto kusukela kwisimo esithinta ezempilo ukuya kwisimo sokuthikamezeka emoyeni/emqondweni/ enhlizweni esidnga ukuba kubhekwane naso. Kungakho uNkulunkulu esihlinzeka, ngodokotela kanye nabefundisi/abadala bebandla.

Ukuphelelwa wubuthongo akusiyona into entsha kumakholwa, UMBhalo ubalula izinto zenyama nezikamoya ezibangela ukuba siqwashe ebusuku, bese usihlinzekela ngokuhlakanipha okufanele kokukwazi ukulala kangcono ngokomzimba nangokukamoya.,Kodwa umBhalo uphinde ubalule umbuzo ophuthumayo walokho ikholwa elingakwenza kwisikhathi lapho ubuthongo bungafiki. Yini ongayenza ngezintathakusa zabo 2 lapho udokotela noma umfundisi bengeke bakwazi ukuphendula izingcingo zabo?

IHubo lubalula izinto ezintathu ezihlukene ongazenza lapho uphapheme ebusuku. IHubo 63:5-8 neHubo 119:147 asikhombisa indlela yokusebenzisela lesosikhathi umkhuleko. IHubo 139:23-24 likhuthaza ukuzihlola ngokomoya njengoba usuke unethuba lokuhlolisisa kabanzi ukuziphatha kwakho, imicabango nezenzo zakho. Kodwa okuyisona isenzo esivamile sekholwa lapho liqwashile, yileso sokudlinza ngeQiniso.

IHubo 119:148 likhuluma uphimisele ngokuphindaphinda izithembiso zikaNkulunkulu kwena lapho kunguwe nomantshingelane kuphela ababhekile.

IHubo 16:7 liyi-session yokuzeluleka usebenzisa umBhalo lapho uqwashile ebusuku.

IHubo 77:6 likhuluma ngesikhathi sobunzima esilandela isikhathi eside ebesikade sinezibusiso. Kulona leliHubo ohubayo uhuba amaculo enjabulo kwisikhathi lapho eqwashile ebusuku ngenxa yokukhathazeka okubangwa yizinkinga abhekene nazo. Sebenzisa ukuqwasha okubangwa ukukhathazeka ukuba nomzuzu wokujabula eNkosini ngaphambi kokuqala kosuku olusha nezinkathazo zalo. Uvesi 11 namavesi alandelayo aleliHubo asinikezela izinsiza ezanele ukuba sihube ezinhlizweni zethu lapho siphapheme ebusuku.

Kwangathi ukuqwasha kwethu ebusuku kungasetshenzesilwa udumo lukaNkulunkulu.

Scroll to Top