When little things are used by God
Kunesifundo esincane esisobala ngeqiniso lokuba khona kweHubo 117 eBhayibhelini. Liyimisho emihlanu ubude balo, leliHubo livele lashabalala laba yinto enganakekile uma kuqhathaniswa namaHubo amabili eza ngemuva kwalo. IHubo 117 alinabo ubuciko bezenkondlo elihleleke ngakho iHubo 119 ngamavesi alo ayi-176.
IHubo 117 liqinisekisa amaqiniso alula ngokusobala nangokungananazi ngendlela emangilisayo.
Dumisani uSimakade, nina bezizwe zonke!
Nimbabaze, nina bantu bonke!
Ngokuba umusa wakhe kithina mukhulu,
iqiniso likaSimakade limi ingunaphakade.
Haleluya!
Abanye babazalwane beTestamente Elidala baqopha leliculo elilula ngokuqhutshwa okuvela kuMoya Oyingcwele ukuthi libe amazwi kaNkulunkulu awebhekise kubantu Bakhe. Ngakho dumisani uSimakade, nonke bafundi baleliHubo, ngoba lingobunye ubufakazi bomusa omkhulu kaNkulunkulu nokuthembeka kithina ongasoze waphela.
UNkulunkulu waziwa ngakho ukusebenzisa izinto zincane ukuphumelelisa izinhloso zakhe ezinkulu. Kungabe yiHubo elincane esingakwazi nokuthi silazi ngekhanda (IHubo 117),noma kungabe abantu besilisa nabesifazane abaphansi ngokwezinga lempilo okuyibo abenziwe baba ngabamukela Ivangeli ( 1 Khorinte 1:26-29). Ngakho-ke, yenza ukuzigqanja kwakho namhlanje kube seNkosini ( 1 KwabaseKhorinte 1:31). Mhlawumbe uNkulunkulu uzozisebenzisa izenzo ezincane zokukholwa ezisempilweni yakho ukuletha amandla eVangeli komunye (Isibonelo: 1 KwabseKhorinte 2:1-5).
