Isililo somKhrestu: IHubo 13

Christian Lament: Psalm 13

“ Kuyoze kube nini ngizizwa engathi uNkulunkulu ungikhohliwe?!”

“ Kunini lapho ukudangala kungeke kusabusa usuku lwani?!”

“Kungani ababi belokhu beqhubeka benza abakuthandayo?!”

Lena akusiyona imicabango engajwayelekile kumakholwa aphila nsuku zonke kulomhlaba onindwe yisono. Ngokungamangazi, lemicabango akusiyona engajwayelekile nakulo iZwi likaNkulunkulu. IBhayibheli impela liyizwi likaNkulunkulu ngempilo qobo—ngakube yiqiniso lokomoya ngobukhona Bakhe, inkazimulo Yakhe kanye nomsebenzi Wakhe kithina, noma izinto esibhekana nazo kulomhlaba. Lemibuzo engenhla, eqinisweni eyizinkulumo zesililo ngaphezu kokuba yimibuzo, kuthathwe amavesi okuqala amabili eHubo 13 abe esebekwa kusetshenziswa nje amanye amagama.

Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na?

Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na?

Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami,

nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?

AmaHubo13:1-2

Yize noma, ngokufanelekile, sithulula inhliziyo yethu yesililo kuSIMAKADE, siyaphinda simemeze Kuye ngokukhululwa kwethu.

Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami.

Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;

funa isitha sami, sithi: “Ngimehlule.”

Nabamelene nami bajabule ngokuba nginqotshiwe.

AmaHubo13:3-4

Eqinisweni, uma isililo sethu sezinkinga zethu sesiduduziwe ngesicelo sethu kuSIMAKADE, lapho siyabona amandla okholo lwethu Kuye nothando Lwakhe, insindiso Yakhe nokuhlinzekela Kwakhe. Lamaqiniso awazisusi izinsizi zethu, kodwa ayavuselela kithina ukulindela intokozo.

Kepha mina ngithembele othandweni lwakho oluqotho;
inhliziyo yami iyakujabulela ukusindisa kwakho.
Ngiyakuhlabelela kuSIMAKADE, ngoba ungiphathe kahle kakhulu.

AmaHubo13:5-6

Makadunyiswe uNkulunkulu ngokuthi ithemba lethu alikho kubantu abanezinhloso ezikhohlakele, kodwa ithemba lethu likuSIMAKADE wothando nomusa. Yize noma singenakwenza ngokunye kodwa ukuba silile uma sicabanga ngababi, futhi singenze lutho kodwa ukuba sithokoze othandweni olukhulu lukaNkulunkulu wethu

Lamavesana ayisithupha asinikezela isithombe esifanelwe ukulingiswa lapho sihaqwe izinsizi nokhwantalala.

Scroll to Top