USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, *unomusa omkhulu
Amahubo 145:8
*uthando olumi ngokuthembeka kukaNkulnkulu, Unalo luyachichima
Lekhorasi ngesimilo sikaNkulunkulu iphindwe izikhathi ezintathu kwincwadi yaMahubo.
KumaHubo 86:14-17. UDavide ucabanga ngalekhorasi yesimilo sikaNkulunkulu ukududuza umoya wakhe lapho ecindezelwe ngabanye. Ngenxa yobubele nobumnene, ukuphuza ukuthukuthela nothando oluchichimayo uNkulunkulu anakho, uDavide ugcwala Amandla ngisho ehlambalazwa abanye.
KumaHubo 103:7-9. UDavide futhi ucabangisisa ngalekhorasi yesimilo sikaNkulunkulu. Kulokhu, yize kungesikho ngenxa yokugcindezelwa abantu ababi, kodwa kungenxa yesisindo sesandla sikaNkulunkulu ukufaka yena uDavide endleleni. UDavide wayazi ukuthi ukulunga nobulungiswa kukaNkulunkulu kuyamdinga ukuba Ajezise ububi bonke, ngisho nezono zakhe uDavide. Kodwa futhi, ngenxa yobubele nobumnene, ukuphuza ukuthukuthela, nothando oluchichimayo kukaNkulunkulu, uDavide wayazi ukuthi ukuqondisa umuntu kukaNkulunkulu kuhlezi kuba isikhashana futhi kugcwele ukuxolela nosihawu ( vv 10-13)
Futhi ke, nakuMahubo 145:5-9, UDavide futhi uyabhekisisa kulelikhorasi lesimilo sikaNkulunkulu. Kulokhu ke kungenxa nje yendumiso. UNkulunkulu unguNkulunkulu omuhle, izenzo Zakhe ziyamangalisa, Ubukhulu Bakhe bufanelwe ukuphakanyiswa. UNkulunkulu muhle kubantu bonke, ngakhoke uDavide uyamdumisa uNkulunkulu ngenxa yobubele nobumnene Kwakhe uNkulunkulu, ukuphuza ukuthukuthela kanye nothando oluchichimayo Anakho.
Ngakube unayo ikhorasi ngesimilo sikaNkulunkulu eliqinisa umoya wakho ngezikhathi ezinzima, elakha ukholo lwakho esikhathini sezillingo nezono, elidumisa uNkulunkulu ngazozonke izinto ezinhle?