Isithombe sokunakekela kukaBaba Wethu

A Picture of Our Father’s Care

Ekupheleni kwempilo eyayigcwele izivunguvungu nezilingo, uJosefa—owake waba yindodana ethandwa kakhulu nguyise, wabe eseba yisigqila, kamuva wavalelwa ejele, futhi ekugcineni waba undunankulu waseGibhithe—ubonisa ukunakekela okumangalisayo kulabo ababeyimbangela yazo zonke izinhlupheko zakhe. Akumangalisi ukuthi indlela ayembona ngayo uNkulunkulu yaba yisisekelo sempendulo yakhe egcwele umusa nokunakekela kubafowabo.

Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.Kepha uJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na? 20 Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu. 21 Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.”

IGenesisi50:19-21

UJosefa wayeqonda ukuthi wayengeyena uNkulunkulu, uMahluleli wabafowabo. Kodwa futhi wayeqonda ukuthi kufanele abe ngcwele njengoba uNkulunkulu engcwele. Yingakho ayihlela kahle kanje lempendulo eyisibonelo esihle kangaka.Kule mpendulo, uJosefa uba yisithombe esicacile kithi sokuthi uBaba wethu osezulwini usinakekela kangakanani—ngaphezu kwalokho esingakucabanga. Lapho sibheka izenzakalo zesikhathi esedlule ezimpilweni zethu, masiqiniseke ngaleli qiniso: abantu abaningi kungenzeka babe behlose ukusenzela okubi, kodwa uNkulunkulu wahlela zonke lezo zinto ukuba zisebenzele okuhle, ukuze zisilethe lapho sikhona namuhla. UJosefa wayenesikhundla sobukhosi sokuthi kubafowabo: “Ningesabi; mina ngizoninakekela nina.” Pho uBaba wethu wasezulwini, onamandla okubusa yonke indalo kanye nesihawu esingenamkhawulo, angakwazi kangakanani ukusho kithi: “Ungesabi; Mina ngizokunakekela.”

Scroll to Top