UElihu, omunye wabangani bakaJobe owayemncane kunabobonke, wayengasiqondisisi kahle isimo sikaJobe, kodwa wayenokuqonda okuhle ukuthi uNkulunkulu ungubani. UElihu wayehluzile emqondweni ngokwanele ukubona ukuthi kungani abantu kumele basabe uNkulunkulu bayeke ukulandela ezabo izindlela.
Kwindlela emfushane esankodlo nakhu esikufundayo kuElihu
Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide,
uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
USomandla singemqonde,
mkhulu ngamandla nangobulungiswa,
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
Ngakho-ke abantu bayamesaba,
kodwa akabagqizi qakala
abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”
Jobe 37:22-24
UNkulunkulu usendaweni Yakhe yedwa—indawo esingeke sayicabanga nokuyicabanga ngemiqondo yethu, kuyeke-ke nje ukuyisungula nokuba yingxenye yayo.
UNkulunkulu ubizwa ngomninimandla onke. Unamandla wonke okwenza konke okumthokozisayo Yena. Impela lokho fanele kulifake izinga elithize lokusaba nokuthuthumela kithina!
Kodwa noma kunjalo, kakhulu uma kuqhathaniswa nabantu, uNkulunkulu akasoze asebenzisa amandla Akhe amakhulu ukwenza ukukhohlakala. Akosoze aphambana nobuqotho besimilo Sakhe esichazwa wukunamathela Kwakhe kubulungiswa nokuba nokulunga okuchichimayo.
Ngakho wena muntu besabe yena.
Bonke abantu abanomqondo ohluzekile bayamesaba uNkulunkulu. Bayamesaba ngenxa yoBukhulu Bakhe. Bayamesaba ngenxa yamandla Akhe. Bayamesaba ngenxa yobulungiswa Bakhe. Bayamesaba ngenxa yokuba nokwenza okulungile. Abantu abahluzile emqondweni bayamesaba uNkulunkulu ngoba Uyizozonke lezizinto ngokuqhubekayo njalo ngazikhathi zonke.
UNkulunkulu uyababazeka ngazikhathi zonke futhi akahlazeki. UNkulunkulu uhlezi enamandla akabi buthakathaka. UNkulunkulu uhlezi eqinisile akwenzeki ashaye eceleni.
Labo abahluzekile emqondweni ngokwanele ukwazi uNkulunkulu, bayamesaba uNkulunkulu, futhi bayakubonga ukuthi uNkulunkulu akayingeni eyemibono yokuzikhohlisa kwethu, nemicabango yethu kanye nezincazelo zethu. Kunalokho, siYamukhonza, sihambe nasemikhondweni Yakhe, ngoba yikhona lapho sithola khona ukuqonda kweqiniso.