Show perfect courtesy toward all people

Yiba nesizotha ngokuphele kubona bonke abantu

-UNkulunkulu

Abazali bethu babejwayele ukusifundisa ukuba sizothe, ukuziphatha kahle , nokuhlonipha abanye abantu. Safundiswa ukuba singadeleli, singabi nomhobholo, noma silahlekelwe yinhlonipho. Zonke lezizinto zichaza indlela yethu esenza ngayo siphinde sikhulume ngayo nabanye abantu. Lezizinto zinzima ukuzifaka ebantwaneni bethu, noma ukuzenza ngokuphelele khona umdala, ngoba empeleni zonke zidinga ukushintsha kwenhliziyo ngaphambi kokuba sikwazi ukuzenzakalela kalula.

KuThithu 3:2 uNkulunkulu udinga thina njengaMakhrestu ukuba sikhombise “ isizotha ngokuphelele kubona bonke abantu”. Kodwa lokhu akusiwona kuphela umyalelo nje wokukhuculula kwingaphandle indlela yokukhuluma neyokwenza kwabanye abantu. Kungumyalelo futhi wokuthi sizihlole thina einhlnhlizweni zethu. Umuntu onempakamo, kodwa ekwazi kahle ukuzibamba, usangakwazi ukuziphatha kahle azothe phakathi kwabantu, kodwa wumuntu ozithobile okunguyena umuntu ocabangisisayo, ocabangelanayo, futhi omnene.

Ngesikhathi uPawuli eluleka amanye amakholwa ayenempakamo, wawabuza ukuthi ancamela ukuthi afike nenduku ngokwegunya analo, noma “ngothando nomoya omnene” (1 kwabaseKhorinte 4:21). Lendlela yokuqala yayingahambelana impela nendlela yabo yokuzikhukhumeza, kodwa lena yesibili yayizonika isibonelo sokucabangelana nesizotha okuyindlela elungile engaba sesikhundleni sale engalungile okuwukuziphakamisa.

“Khombisa ukuzotha ngokuphelele kubantu bonke”lamazwi amemezela intobeko. Isimemezelo sokuthi sithi ukucabangalena kanconywana bese sehlisa ukuqhubekela kwezethu izindlela. Yisimemezelo ukuba sikhulume kahle, sifune ukuzuza umuntu ngaphezu kokuba sinqobe impikiswano, bese sibekezelelane.

Hlola ingxoxo yakho obanayo namanye Amakhrestu, umndeni nabangani, nabantu ongabazi. Vuma eNkosini, wenzela ukuxolelwa, vuma ukuziphatha obekungenanhlonipho, obekunendelelo futhi kunokuzibeka wena phambili. Bese ugqoka inhliziyo enobubele,isisa, ukuzithoba futhi enobumnene (Kholose 3:12).