The sinner of 1 John 1:9
Incwadi yoku 1 kaJohane 1:9 ingenye yamavesi anikezela isiqiniseko kulabo bethu abasindisiwe.
Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
1 KaJohane 1:9
Ayikho nzima ukuyizwa kahle; kulula ukuthola ukuphumula nenduduzo kwisithembiso sayo sokuxolelwa nokuhlanzwa.
Abantu okuyibona ababalwayo ku 1 ekaJohane 1:9 yizona zonke izoni, kodwa izoni ezisindisiwe. INkosi uDavide iyisibonelo esihle sakwiTestamente Elidala sokuthi lesisoni sika 1 ekaJohane 1:9 sibukeka kanjani. Wayona ngezindlela eziningi ezijwayelekile njengami nawe; futhi wona ngendlela enkulu esesidlangalaleni. Kodwa okwamenza waba yisoni saku 1 ekaJohane 1:9, hhayi eyesoni saku 1 ekaJohane 1:8 noma saku-1 ekaJohane 1:10, wukuthi wayeyisoni esinomkhuba woku:
- vuma izono zakhe,
- wayezisola yena uqobolwakhe ngokuba nezono,
- buka isono sakhe ngokwesilinganiso seZwi likaNkulunkulu,
- futhiwayenokuqonda kahle ukuthi ukuxolelwa kweqiniso kubukeka kanjani.
Amahubo 32 namaHubo 51 abhalwa ngemuva kwesigameko esisodwa sempilo yeNkosi uDavide. Womabili abhalwa yisoni esasesenziwe sakholwa ngesiqiniseko yizono esazenza. Okuyiso esasihamba phambili ukuphinga, okwalandelwa yinkohliso, kwalendelwa wukwenza uzungu, ngisho nokubulala. Kodwa okwamenza uDavide wahluka kwizigelekeqe ezilahlwe yicala namaMakhrestu, ukuthi wayezivuma izono zakhe, futhi waxolelwa ngokweqiniso.
Uma uthola ukuthi ukuvuma izono okukwiHubo 32 neHubo 51 yinto osuyijwayele, kodwa uyahluleka ukuthola ukuthemba nentokozo lokho uDavude abanakho maqondana nokuxolelwa kwezono, kungenzeka ukuthi lokho kusho ukuthi awunakho ukuqonda nokuthemba okuphelele uxolo lukaNkulunkulu
Kuwena-ke nakhu uMphostoli uJohane akushoyo:
Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
UNkulunkulu uthembekile. UNkulunkulu ulungile. Uma uvuma izono zakho, akukhathaleki zingaki, akukhathaleki zingaba nkulu kangakanani, uNkulunkulu uthembekile ukuxolela. UNkulunkulu ulungile futhi uyikhokhile inhlawulo yezono zakho ngokuphelele. Ungaqiniseka ngokuxolelwa kwezono, nangokuhlanzwa kwenhliziyo.
