Itemu Lobukhrestu: Ukungabi nokufundisa okudukisayo

Christianese: Infallability

Ukuthi Umbhalo awunakho ukufundisa okudukisayo kuchaza ukuthi awukwazi ukuhluleka futhi awunalo iphutha (NgokukaJohane 10:35). Ngakho-ke Umbhalo, ngasosonke isikhathi uyiqiniso futhi angeke ukwazi ukushintsha kulokho. Akukho ukushayisana eMbhalweni futhi zonke izifundiso zawo ziyahambiselana.

Lokhu kungabi nokufundisa okudukisayo kungumphumela weqiniso lokuthi uNkulunkulu uyiqiniso (Zakhariya 8:8) kanjalo-ke nezwi Lakhe liyiqiniso (2 KwabaseKhorinte 4:2). Ngenxa yokuthi umthombo weBhayibheli nguNkulunkulu uQobolwakhe hhayi umuntu, iBhayibheli ngokungokwalo liyiqiniso ngaleyondlela linegunya elikulona ngokungokwalo. Njengeqiniso elingaguquki, iBhayibheli limisa izinga lokulandelwa elimaqondana nempilo kanye nohambo lukamoya futhi linegunya lokufuna ukuba kukholelwe kulona (Thithu 2:11-15).

Ngokungafani nezinye izinkolo, Ubukhrestu beqiniso abuhlungi ngokuthi yimiphi imibhalo eseBhayibhelini ebalulekile noma eshaya emhloleni kuneminye. Sikholwa iBhayibheli, iBhayibheli lonke, hhayi okunye, kodwa iBhayibheli.

Scroll to Top