IVangeli liyabashintsha abantu. Kakhulukazi liyawashintsha amadoda. Amadoda anyonyobayo, ahamba engenakho akwenzayo engena msebenzi walutho nempilo, noma ilawo athanda ukubukwa, nokusatshwa aphilela ukuziphakamisa, lonke loluhlobo lwamadoda Ivangeli liyawashintsha. USawuli owayengumbulali washintshwa yiVangeli wabangu-Pawuli owengamelwe ukubekezela neqiniso. UAbram owayekhonza izithixo wabangu-Abrahama olungisisiwe ngokukholwa. Umuntu owayehlukumeza abantu, esiphambanweni waba ngovikela uMsindisi wakhe, iNkosi uJesu. Umanyonyoba onguNikhodemu wama noJosefa wase Arithimathiya ukuhloniphisa umzimba kaKhristu.

IVangeli liyawashintsha amadoda- kungaba encane, noma endala. Kungaba yiqiniso ukuthi ugotshwa usemanzi, kodwa amadoda awazizo izihlahla, iVangeli lingagoba nanoma umuthi osuwome kangakanani.

amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni. Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo.

Thithu 2:2,6

Amadoda amadala, khombisana ukukhula kwenu
Abesilisa abasebasha, yibani ngabane ngqondo

Lamavesi akwenza kucace ukuthi iVangeli lizozibonakalisa ngoshintsho elilwenzayo kumadoda amadala nabaselisa abasebasha.

IVangeli lithatha amadoda anganake lutho, liwabize ukuba abe anengqondo.

IVangeli linamandla okuguqula amadoda ayihlazo ngisho nasemphakathini, liwaguqule abe ahloniphekile naphilile ekukholweni

IVangeli lithatha amadoda angamavila angafundisekile, liwenze ahambe ngokuzithiba.

IVangeli linikezela Amandla emadodeni angalazi nhlobo iBhayibheli, liwanike indlala nokuxanelwa ukulunga, liwenze abe ngaphilile ekukholweni

IVangeli lithatha amadoda aphelelwa amandla kalula ekwenzeni izinto futhi angami entweni eyodwa, liwenze abe ngakholwayo, athembekile angaguquki kokulungile.

IVangeli lithatha abesilisa abasha abenza izinto ngokwemizwa bengacabangisisanga, libenze babenegqondo

Njengoba indoda enye yasho:

Zinsizwa, yibani nengqondo