Yize noma iTestamente Elisha lingenayo incwadi esezingeni elilingana ncamishi nelencwadi ekwiTestamente Elidala IZaga, kodwa ziningi izahluko ezazingafaneleka ukuba yizahluko zeTestamente Elisha ezikuyo incwadi yeZaga.
Incwadi kwabaseRoma 12 ingenye yalezozahluko. Bhekisisa isahluko kwabaseRoma 12:9-21 bese uqale ucabangisise ngokuthi iyiphi indlela esingaba ngayo isenzo kukholo lwakho, umshado wakho, ikhaya lakho, ebandleni , eskoleni, lapho osebenza khona, nasemphakathi ohlala kuwo. Uzosibona ukuthi siyifuzile kakhulu incwadi yeZaga mase kuziwa ekusenzeni ngokwesenzo.
Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle. Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni, ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi, nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.
Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ingeyami impindiselo,
ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
Kepha-ke:
“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho,
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
kwabaseRoma 12:9-21
Funda ngokuphinda phinda leyomisho oyibona ikhuluma lokho okuyisenzo esidingekile empilweni yakho. Yonke leyo ndawana yifunde uze uyazi ngekhanda, lokhu ukwenze kusuka manje kuya kumaviki ambalwa alandelayo. Yenza lemiyalelo ibe yisiqiniseko esikholekile ukuthi uphile ngaso. Lokhu okufundile kuphile. Engathi ke noshade naye, abantwana, abangani osondelene nabo, omakhelwane, nalobo owazana nabo kancane bangayibona imisebenzi yakho emihle bese bamdumise uBaba wakho oseZulwini ( ngokukaMathewu 5:16)