Needs and Fears, Comforts and Godliness
Ihubo likaDavide
USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.
Ungilalisa emadlelweni aluhlaza;
ungiyisa ngasemanzini okuphumula.
Uvuselela umphefumulo wami.
Ungiholela ezindleleni zokulunga,
ngenxa yeGama lakhe.
Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama
okwethunzi lokufa,
angiyukwesaba ngozi,
ngokuba Wena unami,
intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
Udeka itafula phambi kwami,
kubuka izitha zami.
Ugcoba ikhanda lami ngamafutha;
indebe yami iyachichima.
Impela okuhle nomusa
kuyohlala kungilandela
imihla yonke yokuphila kwami.
Ngiyohlala endlini kaSimakade
kuze kube phakade.
Ihubo 23
Ngaphandle kokungabaza okuyilona iHubo elidumile Emahutsheni, leliHubo lingaphezulu nje kokuba “USimakade ungumelusi wami”. Amavesi amabili okuqala angamaqiniso amahle ambozwe izingathekiso zokwelusa, kodwa kulandela amavesi amane, ngalinye linothile ngezingathekiso zalo. Ndawonye enza leliHubo libe elidweba isithombe esihle kakhulu ukwedlula wonke Amahubo.
Amavesi amabili okuqala ambathiswe isithombe somelusi, onikezela ukunakekela nsuku zonke kwizimvu zakhe. USIMAKADE ungumelusi onjalo kithina njengezimvu Zakhe. Njengalokhu uMelusi Omuhle ephinde esikhumbuza futhi kwiNtshumayelo yaseNtabeni, uBaba wethu Osezulwini uyanakekela izindingo zethu zemihla ngemihla (Mathewu 6:26-32)
Ivesi elilandelayo liqhubeka nendikimba kaSIMAKADE njengomelusi wethu, kodwa ligxile kwizindingo zethu zikamoya zemihla ngemihla. Ngaphandle kokudla nokuphuza, uNkulunkulu wethu uyaguqula imiphefumulo yethu ukusuka esonweni iye ekulungeni. Lokhu kuyananelwa nguMelusi Omuhle kwiNtshumayelo yaseNtabeni lapho esiyalela ukuba sibuyisele eceleni ukukhathazeka bese kunalokho siphokophelela ukulunga Kwakhe (Mathewu 6:33-34).
Bese-ke iHubo lithathe ijika elithande ukuba yisigubhukane elijikela emkhondweni ohlukile, ngaphendle kokuyekela ngokuphelele indikimba eliqale ngayo. UDavide usuka kwisabizwana u- “U” uya ku “Wena”, bese eshintshe esuka ekunakekelweni okuhle kwenyama nokumoya okuvela kuSIMAKADE eshintshela kubukhona bukaSIMAKADE obunikezela izeluleko. Lapho oukufa kubukeka kuseduzane, nezinto ezimbi zempilo zibeka impilo engcupheni, uSIMAKADE uyakususa ukwesaba kwethu asinike ukweluleka okunozwela okusiduduzayo.
Ukuqhubekela phambili esuka kwisingathekiso sikamelusi, kodwa awugcine lomqondo ka “mina-Wena” onika ubuhlobo ebudlelwaneni bethu noSIMAKADE, uDavide uloba elinye ivesi. Kusuka ekunakekeleni nokwaluleka kukaMelusi Omuhle, sifanelwe futhi sicabange ngoNkulunkulu njengomondli wethu ocebile. Lapho sidingile futhi sihlushiwe, uSIMAKADE ulula isandla, bese kuthi konke kusaxakanisekile kanjalo asizungeze ngezibusiso. Njengomuntu onesigidi sezigidi onenhliziyo enhle, uSIMAKADE usilungiselela isidlo, asihlalise etafuleni, ngaso lesosikhathi labo okuyibona abayimbangela yalokho okubi bezokwazi ukuthi babuke. Usiphatha ngokusinakekela okuhle kakhulu asishiye neqwaba yezibusiso.
Ngakhoke kungokugcwala intokozo ukuthi uDavide alobe ivesi lokugcina, ekubona ukuthi empeleni ayikho into ekumele azikhathaze ngayo. Kangangokuba singa saba ububi bonke, futhi kangangokuba izitha zethu zingadlondlobala, uNkulunkulu uzosenzela okuhle, futhi uthando lokuthembeka Kwakhe ( kwenye inkathi okuthiwa “umusa”) luzohlezi lufakazeleka ezimpilweni zethu.
Umcabango avala ngawo, kuyona yonke lento, akusona esinnye isingathekiso sezenzo nokunakekela kukaNkulunkulu. Kunalokho yinkulumo yokuthatha isinqumo. Ukuyibeka ngamanye amagama ukwenzela incasiso, “Ngizobuyela ekukhonzeni, bese ngihlala lapho ingunaphakade”.Uma sinoSIMAKADE njengomelusi wethu osondlayo kwizidingo zenyama zalempilo, futhi uma sinoSIMAKADE njegomeluleki wethu kwizinto zikamoya phakathi kwabo bonke lobubi obuchithekile kulomhlaba, futhi uma sinoSIMAKADE njengalowo ocebile kodwa onesihle kwizimo zethu eziyizigqinamba, lapho ke kumele sisibone isidingo sokuyeka ukukhathazeka ngayo yonke int, bese sigxila ekutheni thina sithembeke kuSIMAKADE.
UJesu wabeka kahle uma ethi “Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.”
Sonke siyalithada Ihubo 23 ngalokho elisitshela kona ngoSIMAKADE. Basilithande futhi leliHubo ngenxa yalokho elisikhomba ukuba sikwenze– ukunikela izimpilo zethu kuSIMAKADE, sibuyele ekumkhonzeni Yena nase kuthobekeni ngokulalela okuqinile Kuye.
