Amahubo isahluko 1 saziwa njengeHubo elindlalela wonke amaHubo alandela ngemuva kwalo. Impela
liyiHubo eligoqa lonke uhambo lwempilo yansuku zonke yalo lonke ikholwa. Njenganalokhu
ezinye zezimo zempilo ziyithuba elihle lokudumisa, kanjalo namaningi AmaHubo
angamaHubo okubonga nendumiso. Ngokufanayo, ezinye zezimo zempilo yizikhathi
ezibuhlungu zokuvivinywa kokukholwa, kanjalo amaHubo amaningi angamaHubo
ezinyembezi nokukholwa.
IHubo 1, nomakunjalo, limi njengesisekelo ngaphansi kwazo zonke izimo zempilo
ezihlukahlukene. IHubo 1 ligoqa yonke impilo ngokuqhathanisa izimo ezimbili: Babusisiwe
abalungile, kodwa indlela yababi izakubhujiswa.
Ezinye izinsuku zinhle, ezinye zinzima. Kwezinye izinsuku sizwa engathi singakhala,
kwezinye sizwa engathi singahleka. Ezinye izinsuku ezempumelelo enkulu, ezinye
ezokuhlaselwa uqobolwakho. Ezinye izinsuku zigcwele indumiso, ezinye zigcwele
ukulahlekelwa yithemba. Ezinye siziphetha ngokucula, kwezinye siphetha usuku
ngokudabuka. Kodwa ngazozonke izinsuku, IHubo loku-1 lisaqinisile: kuyisibusiso ukulunga, futhi
ababi bazobhubha.
Ukuba ngolungile kwizunsuku ezinhle nakwizinsuku ezimbi kuyinto ekwaziyo ukwenzeka,
ngoba ukulunga kuza ngokungenzi izinto ngendlela izwe elenza ngayo ( IHubo 1:1),
kunalokho uthole intokozo enkulu ekwenzeni zonke izinto ngendlela kaNkulunkulu( IHubo
1:2). Isibusiso sokulunga sizohlezi sinemiphumela esobala kulempilo ( IHubo 1:3),
ngokusobala kakhulu isibusiso sokwazi uNkulunkulu sizwana kahle nendlela yethu elungile
yokuphendula ezimweni, sizwana kahle nakunemikhuba yethu elungile, futhi sizokufakazela ukulunga kwethu (1:6a)
Ababi abanjalo. Ayikho into abayishiyayo ebalulekile ngemuva kwawo wonke amaqhinga
abo okwenza ububi abawenzile kwisikhashana esincane ( IHUbo 1:4). Bazohlukaniswa
nabalungile, ukuphela kwabo kuzofika ( IHubo 1:5). Kafushane, indlela yababi ihlezi iphela
ngokubhujiswa ( IHubo 1:6b).
Ungaphazamiseki, Mzalwane. Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo,
kepha indlela yababi iyakubhujiswa.