Izimpawu Zokudangala Ngokomoya

The signs of Spiritual Depression

Kungenzeka singazicabangi thina njengabantu “abadangele ngokomoya” kodwa izimpawu zihlezi zisobala. Ngamunye wethu sihlukile, kodwa izimpawu zokudangala ngokomoya singafaka phakathi nenhlanganisela yakokhu okulandelayo.

  • ukungabi nomdlandla
  • ukuzizwa ungenakho ukukhuthazeka noma uzizwe uvilapha
  • imicabanga elokhu izingeza entweni eyodwa kunokuthi ilethe umqondo ocacile
  • ukuhlehla nyovana kwinhlanganyelo yaMakhrestu
  • ukuthethelela imibono nalokho okholwa yikho noma nokungabi nakho lokhu
  • ukungabe usazinika isikhathi sokukhonza abanye
  • unaka kakhulu izinkinga zakho kunobuhle bukaNkulunkulu
  • ukubona ukukhonza njengento ekufanele igcwale injabulo kodwa ngokwesenzo akukho ukuvuseleleka
  • ukufuna usizo nenduduzo kodwa ngiyayifuni ngokweqiniso, kakhulukazi kulabo abazokwazi ukungisiza
  • ukushaya indiva ukufunda iBhayibheli nokukhuleka, noma ukulifunda impela, kodwa ukwenza lokho ngoba unendaba nokuthize obhekene nakho
  • ukusulela abanye ngecala (abangani abasondele kuwe, umndeni, noma ngisho nebandla) ngakho konke okubona njengokungakhombisi uthando
  • ukuloku uzidabukela ulangazelela ukuzwelwa nokunakekelwa, kodwa ngokobuqili ufisa engathi kungangaba bikho ozokhombisa uzwela nokubanendaba ukuze uzoqhubeka ulokhu uzidabukela
  • ukuziba ukuzinakekela, imisebenzi yakho, noma amathuba okulekelela abanye
  • ukuhlala kwimicabango yezinto ozisabayo bese usaba ukuthi kungenzeka into enkulu
  • ukunciphisa ukuxhumana nabantu ngokuthi uxhumane nabo ngezindlela ezingadingi ukuthi nibonane
  • ukulokhu ubuyisa emqondweni wakho izimo zakudala noma ezingenzeka ungabinakho nokufinyelela kwisiphetho
  • ukungabi nokuthatha isinqumo
  • ukulala, ukudla, noma ukuphuza kakhulu, noma kancane, noma ngendlela engaqondakali

Nawe kungenzeka ukwazi ngisho nokunezelela kuloluhlu lwezimpawu zokudangala! Iqiniso liwukuthi ukushibilika ungene ekudangaleni kukamoya kuhlezi kuhlezi kushibilika futhi kunyonyoba. Imiphumela yona-ke, ayinyonyobi. Esikhathini sezinsuku namavili, ungaba wumuntu ozinake wena ngangokuthi ngisho nabangani abakhaliphile nabanobunkulunkulu kubanzima ngisho ukuthi basize ngoba usuthembe kuphela imibono nokuqonda kwakho.

Yilokho ngqo okwenzeka komunye wabaprofethi abadumile, umprofethi uEliya. Ku-1 Amakhosi 19:3-4 uELiya, ngandlelathize kukhona ukuqonda ukuthi kungani, wabisha masinyane ekudangaleni kukamoya. Ingxenye yesahluko inikezela imininingwane yokuthi uNkulunkulu wamuphakamisa kanjani futhi wavuselela kuyena ukwenza umsebenzi kwamoya futhi. Okokuqala, uNkulunkulu wamunikezela ngokuphumuza umzimba, nokudla, namanzi ( 1 Amkhosi 19:5-7). INkosi yase isimuletha endaweni emlandweni eyaziwa njengendawo lapho Izwi likaNkulunkulu lambuliwe ngezindlela ezimangalisayo (1 Amakhosi 19:8 ). Yase iNkosi iqala ukumeluleka uEliya ( 1 Amakhosi 19:9). UEliya wathulula kuNkulunkulu zonke izinto ezimthukuthelisayo– kwakuxubene nokuqinisekisa, nokuvuma isimo esibi sikamoya sesizwe, nokwenza ihaba izimo zakhe ( 1 Amakhosi 19:10). Nathi sinjalo, akunjalo, ukukhononda okuxube iqiniso nehaba!

UNkulunkulu wamtshela ukuthi akasukume bese ebhekisisi iZwi likaNkulunkulu ngokukhuthazela nangenhloso ( 1 Amakhosi 19:11) bese wakhuluma noEliya ngezindlela uEliya ayengeke azicabange kakhulukazi uma ubheka indawo ababekuyo ( 1 Amakhosi 19:11-13)! Uma umoya wethu uphansi, sijvame ukuthemba isikhathi nomkhuleko ukuthi yikona okuzolungisa izinto, ngalesosikhathi uNkulunkulu usimisele abangani bethu abanobunkulunkulu, ubuholi bebandla, nabazalwane esikunye nabo ukusikhuthaza ngeZwi Lakhe njengendlela yokuseluleka. Kodwa, uEliya waphinda wazichaza izinkinga zakhe kuNkulunkulu engathi ukukhonanda okudinga ukwenzelelwa yize noma engazange alubeke kahle udaba ( 1 Amakhosi 19:14).

UNkulunkulu akalilungisi ihaba masinyane, kodwa kalula nje ukhumbuza uEliya ngomsebenzi wakhe wansukuzonke ( 1 Amakhosi 19:15-16). Leyondlela yokushintsha ukucabanga iyindlela ewusizo kakhulu kithina ukuthi sizikhiphe kulenkungu yokuqonda kwethu, ukuzithethelela, nokuzidabukela esivame ukuzifaka kuyona. Hamba uyokwenza okufanelekile okulandelayo. UNkulunkulu wathembisa ukuthi ngokuphelelisa kukaEliya imisebenzi yakhe, uNkulunkulu uzoqhubeka nenkonzo yokuphrofetha leyo uEliya ayeseqonde ukuyishiya phansi ( 1 Amkhosi 19:16-17). UNkulunkulu wabe eselilungisa ihaba likaEliya lobunjalo besimo waqinisekisa nokuthi uNkulunkulu uthembekile kakhulu kabi kunokuthi Eliya angagcina esezizwa edikibele (1 Amakhosi 19:18).

Ukweluleka kukaNkulunkulu buyisibonelo esihle kakhulu kithina sokuziluleka nokululeka abanye ngendlela efanele. Uma sikhombisa ukuba nezimpawu zokudangala kukamoya okukunanoma yiliphi izinga, masikhumbule “uNkulunkulu noEliya”. Asizibone izinkinga zethu kodwa masingazikhulisi ngaphezu kwalokho eziyikona. Masilalele Izwi likaNkulunkulu ngisho ngakuthiwa liqhamuka ngendlela ebesingayilindele– kakhulukazi uma ulingwa wukuthi uvele “uzifundele iBhayibheli ngokungokwakho” ungafisi ukuthola ukwelulekwa yilabo abavuthiwe uNkulunkulu ababekile phezu kwethu. Masisukume senze okufanele okulandelayo, sisebenzise amandla, nemali, nesikhathi senzela ukuba kuzuze abanye. Futhi masiphumule, sidle, siphuze kahle, kungabi kakhulu futhi kungabi kancane nanoma okuyikuphi kwakho! Masingayishayi indiva imisebenzi yethu kamoya uNkulunkulu asabele yona kwinhlanganyelo yasebandleni, ukuhlanganyela kwethu nomphakathi, kanjalo nomthelela wethu ekumele sibe nawo wokuba “wusawoti nokukhanya” wezwe.

Masiziqaphele maqondana nokudangala kukamoya esikugcine ngaphakathi kwethu. Kuzofanele sikhumbule “UNkulunkulu noEliya” sizigcine sinenhloso ngemicabango nangezenzo zethu.

Scroll to Top