Two ways to live

Ihubo 1 lingelithandwayo ngezindlela eziningi. Njengelibekwe phambili kwincwadi yaMahubo, lisebenza njengeliqukethe umhlahlandlela wawowonke Amahubo, linikezela ngesinqumo sendlela ngaphambi kokuba uqale uhambo oluya kulezincwadi ezibuthelwe ndawonye zaMahubo.

Ihubo 1 linikezela ukuhlakanipha kwizindlela ezimbili ezikhona umuntu ngamunye angakhetha kuzona ukuthi aphile kanjani kulempilo. Eyodwa indlela ithembisa isibusiso, bese umuntu imbeka endleleni eya ekuqondeni kahle wonke amanye Amahubo. Lendlela izokuvumela ukuthi ukwazi ukuba nomqondo okahle wobunzima bempilo njengalokhu bufakazelwa Emahutsheni ayi-149. Le enye indlela iletha ukubhubha okukhulu. Asikho isibusiso esimile, akukho ukuba neso lokubheka kahle izinkinga nenjabulo yempilo, ukuyaphambili akucacile. Igcwele ububi nokulahlwa yicala bese iphetha ngokubhubha. Lezindlela zombili zimelene, incazelo yazo ngayinye ifaka nokuthi “hhayi njengale enye indlela”. Iyiphi eyalezizindlela zombili ongayikhetha ukuphila ngayo?

Ubusisiwe umuntu
ongahambi ngeseluleko sababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongabi mdibi munye nabaklolodayo,
kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade,
azindle ngawo imini nobusuku.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi,
esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo,
esimaqabunga aso angabuni.
Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Indlela Eya Ekufeni


Kepha abanjalo ababi,
kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.
Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa,
nezoni, ebandleni labalungileyo.
Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo,
kepha indlela yababi iyakubhujiswa.

Ihubo 1