Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni;ukuze yilowo nalowo kini azi ukuthi angasiphatha kanjani isitsha sakhe ngobungcwele nangodumo;kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.Ngoba uNkulunkulu kasibizelanga ekungcoleni, kodwa ebungcweleni.
1 kwabaseThesalonika 4:3-7 ( Baasraak Zulu NT)
Nazi izindlela zokuba simungcwelise uNkulunkulu emizimbeni yethu, siphathe izitsha zethu ngobungcwele nangodumo, ngokwesigaba sempilo esikuyo,
Ongashadile akazi ukuthi, inkonzo yocansi akusiyona into eyisidingo esisemqoka, njengokucabanga nokukhuthazela kwalabo abangamesabi uNkulunkulu. Kuhle ukungazibadakanyi kuyo ( 1 KwabaseKhorinte 7:1, 6 ). Kodwa okulangazelelayo lokhu, akashade kuqala ( 1 Khorinte 7:2). Kodwa aqaphele angangeni kuwo umshado engaqalanga ngokuhluza ahlanze ingqondo yakhe ngezwi likaNkulunkulu maqondana nenkonzo yasekamelweni. Umshado akusiwona onqoba ubufebe, kodwa yiNkosi esinqobelayo.
Osemshadweni makazi ukuthi, into ephezulu ohlwini lwezinto ezisemqoka emshadweni, akusiyona inkonzo yasekamelweni. Kodwa ngokufanelekile, kungukumngcwelisa uNkulunkulu emzimbeni wakho ukukhuthazela kulokho okuyintando Yakhe emshadweni, maqondana nenkonzo yasekamelweni ( 1 kwabaseKhorinte 7:3-5).
Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.
1 kwabaseThesalonika 4:8