Ukucula indlela esobala yamakrestu yokuveza ukukholwa. Elinye lamahubo angasekugcineni kwincwadi yamaHubo ayisikho nje kuphela ukuveza izindumiso ezinjabulisayo zikaNkulunkulu, kodwa ubizo lokuba ujabule kuSimakade bese uveza leyontokozo ngendumiso.

Haleluya!

Hubelani uSimakade ihubo elisha,

izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo.

U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe,

abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.

Mabadumise igama lakhe ngokusina,

bamhubele ngesigubhu nehabhu,

AmaHubo 149:1-3

Ungacishe ucabange ukuthi kuwukugagamela ukungena ebukhoneni bukaNkulunkulu uMninimandla onke Ongcwele ngokucula okumemezayo nokuzenzakalelayo, kodwa “ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo” (vesi 4)

Uma uhlengiwe yiNdodana kaNkulunkulu, ngakho akusekho ukulahlwa, kuphela ukuhlanganyela okuthokozisayo. Ngakho mazise uNkulunkulu wakho namhlanje. Cula izindumiso zakhe lize izwe lonke lizwe.