Izinhlelo Zokuziphatha eziqondene nezindawo Ezithanda Ukungacaci kahle

Ethical Systems for the Very Grey Areas

UBukhrestu bunikezela ngokuyiwona wodwa umbono ophelele ngezinto zonke eziphathelene nempilo. Isizathu Amakhrestu ekwazi ukuphendula kahle, noma kufanele aphendule kahle, kwizinqumo zokuziphatha ezididayo kanye nakwizimo kungenxa yokuba sinombono woBukhrestu ngomhlaba. Lokhu kuyaphikisana nemibono yalelizwe abanye abahamba ngayo.

Nazi izinhlelo zokuziphatha ezinkulu eziyisithupha abantu abahlukene ababambelele kuzono. ‘Uhlelo’ loBukhrestu lusekugcineni, futhi luhluke ngendlela egqamile kuzona zonke ezinye. Ngayinye yazo KuneTEMU LAYO ELISETSHENZISWAYO, incazelo emfushane, bese kuba ukuyihumusha ngokujwayelekile.

UKUNGABI NAMTHETHO (ANTINOMIANISM)
Zinke izindlela zokuziphatha zikhishelwe ngaphandle kungabe ezomhlaba jikelele noma ezijwayelekile.
(Wonke umuntu wenza ngendlela athanda ngayo)

UKUMISWA KOMTHETHO OSETSHENZISWA NGOKUHAMBELANA NESIMO (GENERALISM)
Kunemigomo yokuziphatha emisiwe kodwa isetshenziswa ngokuhlukile kuya ngokubukeka kwesimo.
(Umphakathi yiwona omisayo ukuthi yine elungile nengalungile futhi lokho kuyahluka ngokwesimo ngasinye)

UKUNGABIBIKHO KWEMIMGOMO EMISIWE (SITUATIONISM)
Iyodwa kuphela indlela yokuziphatha emisiwe (uthando), yonke imigomo yokuziphatha ikhona.
(philelana nabantu, okunye akunandaba. “uthando” luchazwa ngezindlela ezingacacile)

UKUBAKHONA KWEMIGOMO EMISIWE ESHIYANAYO NGOKUBALULEKA (GRADED ABSOLUTISM)
Kunezindlela eziningi zokuziphatha zabantu bonke ezinokushayisana ezimiswe ngokwezinga lokubaluleka
( Ukulunga nokungalungi kumisiwe, kodwa njengalokhu kungavamile ukuvumelana, yenza “okuyikona okulungile ukudlula okunye”)

UKUBAKHONA KWEMIGOMO KODWA ENOKUSHAYISANA (CONFLICTING ABSOLUTISM)
Ukwenza okubi into engenakugwemeka kodwa kungabakhona isizathu, kakhulukazi uma umuntu enze okubi kancane uma kuqhathaniswa nokunye.
(Kunezindlela zokuziphatha ezilungile nezingalungile, kodwa kwesinye isikhathi ukwenza lokho okungalungile kuba nesidingo)

UKUBAKHONA KWEMIGOMO YOKUZIPHATHA ENGENAKHO UKUSHAYISANA (NON-CONFLICTING ABSOLUTISM)

Ziningi izindlela zokuziphatha kahle ezabantu bonke ezingenakho empeleni ukushayisana, zihlezi zizoliveza ikhambi lokuphuma kwisimo esubukeka sidida
(Njengalokhu uNkulunkulu wamisa ukuthi yini elungile nengalungile, imile indlela yokuziphatha. Futhi njengalokhu Yena Qobolwakhe ephelele, leyomigomo yokuziphatha ayinako ukushayisana. Futhi njengalokhu enikezela amandla kulabo abanokholo ukuba balalelem ukwenza okungalungile kuhlezi kungagwemeka.)

Abantu “abalungile” abaningi abanokuziphatha kahle okuthile bavame ukungena kwisigaba UKUBAKHONA KWEMIGOMO EMISIWE ESHIYANAYO NGOKUBALULEKA (GRADED ABSOLUTISM), kodwa uMbhalo ukwenza kucacw ukuthi isigaba UKUBAKHONA KWEMIGOMO YOKUZIPHATHA ENGENAKHO UKUSHAYISANA (NON-CONFLICTING ABSOLUTISM) yisono esiyiqiniso maqondana nezinqumo zokuziphatha emhlabeni wethu.

Ekugcineni nakhu la kuya khona:
UNkulunkulu umisa lokho okuyikna okulungile nalokho okungalungile, futhi Yena akasoza angifaka esimweni lapho kumele khona ngenze isono ukuze ngiphunyule.(1 Cor 10:13).

Scroll to Top