Izinqumo kanye Nemiphumela

Decisions and Consequences

Ngokusaba imiphumela engemihle, sivame ukwenza izinqumo ezimbi kakhulu. Asifuni ukubhekana nezigxabano, ngakho sinquma ukuyiziba indaba isikhathi eside. Asifuni ukwenza umsebenzi onzima wokuqopha phansi indlela esisebenzisa ngayo imali, ngakho sinquma ukuyeka kanjalo nnje sithemba ukuthi izinto zizoxazululeka ngokungokwazo. Sisaba ukuphoxeka, ngakho sinquma ukungavumi isono. Lapho into efanele kungenzeka ibe nomphumela ongemuhle, siyakuyekela ukulalela nokuhlakanipha.

NjengaMakhrestu acabanga kahle sinawo wonke amathuluzi esiwadingayo ukwenza izinqumo ezihlakaniphile nezilungile. Lapho senza izinqumo ezisukela kulokho okulungile nokuhlakaniphile, imiphumela, noma inzima kwesinye isikhathi, kungakwazi ukuthi kubhekwane nayo kancane kancane ngangokuqhamuka kwayo. ImiBhalo efanayo eyasiza kwisinqumo sokuqala, isanele ukwenza ngasinye sezinqumo ezilandelayo.

Kodwa uma sisaba imiphumela yesinqumo engaqhamuka, kodwa esasemqondweni, bese sishintsha isinqumo yize kade silungile futhi sihlakaniphile, lapho sizithola sidonseleka kwezinye izinqumo ezimbi ezinemiphumela emibi kakhulu kunale eminye.

Sidinga ukuhlakanipha kukaNkulunkulu maqondana nezinqumo zempilo. Ukuhlankanipha kukaNkulunkulu, lapho kukhulunywa ngakho kungathi owesifazane osemncane omuhle, kuymemeza kuwena nakimi:

“Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Lalelani ukuyalwa, nenze ngokuhlakanipha; ningakushayi indiva.Ubusisiwe umuntu ongilalelayo,alinde imihla ngemihla emasangweni ami,ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila,azuze umusa kuSimakade. Kodwa lowo owehluleka ukungifumana,uzigwaza ngowakhe;bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Izaga 8:32-36

Scroll to Top