Will of God Prayer Items
Into esobala lonke ikholwa eliyaziyo ukuthi intando kaNkulunkulu ingcono kuneyethu. Siyakukholwa ukuthi uNkulunkulu ungcono kunathi, ukuthi uhlakaniphile kunathi, nokuthi amacebo kaNkulunkulu ahlezi engcono. Ngakho amakholwa avamile uma ekhuleka ukuzwakala esethi “Intando Yakho mayenzeke” elingisa isibonelo seNkosi yethu uQobo (Lukha 22:42).
Umbhalo usinika umqondo kaNkulunkulu, futhi ngawo, imikhuleko yethu iqondiswa kwizinto eziqukethwe intando kaNkulunkulu. Nazi ezi-9 ezisobala izinto eziwumukheleko oyintando kaNkulunkulu ongazengeza emkhulekweni wakho namhlanje.
- Ukusindiswa kwemiphefumulo (1 Thimothewu 2:1-4)
- Ukukhula ngokomoya (2 KwabaseThesalonikha 1:3)
- Ubungcwele (kaJuda 20, 24)
- Ukuxolelwa kwezono (Lukha 11:4; 1 kaJohane 1:9)
- Ukuqonda Umbhalo (KwabaseKholose 1:9)
- Ukuhlakanipha kokubhekana nezinkinga zempilo (ekaJakobe 1:5)
- Ukwaneliseka (1 kuThimothewu 6:6; KumaHebheru 13:5-6)
- Isinkwa semihla ngemihla (Matthew 6:11)
- Zonke izinto eziyisisindo enhlizweni (1 kaPhethro 5:6-7)
Awucabange umhlaba lapho imikhuleko iphenduleka hhayi maqondana namakholwa wonke kuphela, kodwa namaqondana nalabo abangakakhothamisi amadolo abo phambi kukaJesu! Masiqhubeke sikhuleke ngalendlela yalemikhuleko (Kholose 4:2)
