NjengamaKrestu asivamile ukuhamba ngokufanele ukukholwa ngoba uJesu Krestu akasiso isizathu esikhulu nesiphezulu kuyona yonke into esiyicabangayo, esiyenzayo, esiyishoyo nesidlula kuyo. Lokhu akusiyo inkulumo esuselwe ekhanda ngokukamoya, kodwa inkulumo ekhona ngokujulile.
Sicabanga ngeMvelo njengento engokomhlaba, asiyicabangi njengomsebenzi kaKrestu, ngakhoke sisebenzisa umhlaba ukuzigculisa thina kuno kuthi sizibekelele embusweni kaKrestu. Sicabanga izinto eziphathekayo esinazo njengezinsiza ekumele zisize thina, asizibheki nje ngesandla esiphayo sikaKrestu, ngakho ngokungagculiseki sifuna okungaphezulu, kunokuba simbonge ngokuthokoza uKrestu. Sicabanga ukukholwa kwethu njengento ekumele siyifune, asikucabangi njengesipho esivela kuJesu, ngakho siyaziphakamisa ekukholweni kwethu kunokuba sikhonze ngokuzithoba uJesu. Sicabanga imiphefumulo yethu njengalokho okumele kugculiseke, asiyicabangi njengempahla ehlengiwe ukwenza imisebenzi kaKrestu, ngakho siyazigculisa thina kunokuba sigculise uKrestu. Sicabanga ezepolitiki njengento esiyilawulayo ngokombuso wentando yeningi, asiyicabangi njengethuluzi elisesandleni esinamandla sikaJesu, ngakho siyakhathazeka, sisabe, sithukuthele singane unwabu sithukuthelela ababusi belizwe, kunokuba sibakhulukele ngokuthembeka. Sicabanga ngempilo kamoya njengento ekudinga siyizwe ngemizwa yethu futhi yenzeke ngokwendlela yasemhlabeni, kungesikho njengento ekuvele sekungeyethu kuKrestu, ngakho ke silangazelela ukuzizwa kahle ngokomoya okuningi kunendlela ejwayelekile yokulunga ngokomoya.
Nanoma ngabe iyiphi into ephatheleni nempilo ongayicabanga, uma ungaqale uyiqonde ngokobudlelwano bayo noJesu Krestu, awuhambi njengokufanele ukukholwa kwakho kuleyonto leyo. AmaKrestu afanelekile abona zonke izinto ngokomgomo kaJesu Krestu.
ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo.
kwabaseKholose 1:16-17
Ngakube kungenzeka lemicabango elandelayo ishintshe indlela ophila ngayo namhlanje? Umzimba wami ungokaKestu; ngakube ngizogculisa wona noma uKrestu namhlanje? Engishade naye kanye nezingane banikezelwe kimi nguKrestu; ngizobaphatha kanjani? Abaswele abasezimpambanweni zemigwaqo banikezelwe umoya wokuphefumula namhlanje nguJesu; iyiphi indlela engizocabanga ngayo ngabo? Ukuphuma kwelanga noma imvula kuhlelwe nguJesu; ngakube ngizomdumisa? Izinwele ekhanda lami zibalwe nguKrestu; ngakube ngizosaba ukuthi abantu bacabangani ngami? Inqwaba yabantu abahlanganyele ekudleni isidlo sasekuseni namhlanje omunye nomunye wabo uthole amandla okwenza njalo kuJesu; ngakube ngizomnika yini udumo uKrestu?
Kepha uNkulunkulu wokuthula,….., makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen
KumaHebheru 13:20-21