Every conversion has a dramatic story
Usake wazigqaja ngokubabazisa kobunjalo bendlela owaphenduka ngayo? Noma mhlawumbe okuhlukile kunalokho, usake wafisa ukubabazisa kodaba lokuphenduka komunye umuntu owaphenduka kade ephila impilo enobubi obukhulu?
Sijwayele ukukala ukubabazisa kobunjalo bendlela yokuphenduka ngokokubukeka kwezinto umuntu adlule kuzona zamholela ekuphendukeni bese siyalibala ukuthi konke ukuphenduka kuyababazisa ngenxa yobunjalo bokuzalwa kabusho okuyiyona.
Kuyiqiniso ukuthi ukuphenduka kade ukhonza izithixo ube sewukhonza uNkulunkulu ophilayo kwakungubufakazi bokubukeka ngaphandle obubabazisayo kubantu baseThesalonika abazalwa kabusha ( 1 Thesalonika 1:9). Umbani obabazisayo ovela ezulwini nezwi elivela ezulwini kwakuyisimo esibabazisayo sokuphenduka kukaMphostoli uPawuli ( Izenzo 9:3-5). Kodwa noma ngabe, njengabantu baseThesalonika, ungowesizukulwane sokuqala ukuzwa ngoNkulunkulu Ozala kabusha izoni, noma njengoPawuli, ukhule ugxile kwiqiniso leMibhalo, uhlobo okuyilonalona olubabazisayo lokuzalwa kabusha yilokho uNkulunkulu akwenza enhlizweni yalowo ophendukile.
Yini engababazisi ngokuphiliswa kade ufile ngenxa yeziphambeko (Efesu 2:5)?
Yini engababazisi ngokubizwa ukuba uphume ebumnyameni uze ekukhanyeni okumangalisayo (1 kaPhethro 2:9)?
Yini engababazisi ngokukhululwa embusweni wobumnyama bese udluliselwa embusweni weNdodana ethandiweyo kaNkulunkulu (Kholose 1:13)?
Yini engababazisi ngokusixolela kukaNkulunkulu izono zethu, wasula incwadi yecala lethu,wayibethela esiphambanweni sikaKhristu ( Kholose 2:13-14)?
Yini engababazisi ngokuzalwa kabusha (ngokukaJohane 3:3)?
Yini engababazisi ngokukhululwa esonweni bese wenziwa izigqila sokulunga (kwabaseRoma 6:18)?
Uma wabelana nabanye ngobufakazi bakho bokuthi uNkulunkulu wakusindisa kanjani, qiniseka ukufaka amaqiniso kamoya ababazisayo enzeka ngaphansi kwendlela yempilo yakho owawuyiphila ngalesosikhathi. Ngaleyondlela sizokwazi ukubuyisela eBandleni nasemhlabeni ukuthi ukusindiswa kusho ukuthini empeleni.