Thou shalt be loved

Awunalo ilungelo lokuthandwa.

Awuke ukucabange lokhu: Awunalo ilungelo lokuthandwa. Esikhundleni salokho, unomsebenzi wokuthanda.

Kuyiqiniso ukuthi uma wonke umuntu engagcina umsebenzi wakhe wokuthanda nawe impela uzothandwa, kodwa umthwalo wokuqinisekisa ukuthi uthando luyakhonjiswa uhlezi uwela kuqobo lwakho.

Isono sibi kakhulu, ngendlela yokuthi noma ngubani owone kuNkulunkulu kumfanele ukuba azondwe nguNkulunkulu, futhi nanoma ngubani owona omunye ufanelwe ukuzodwa yilowo amonile. Lokhu kungacasula intshiseko yethu yokuthandwa, kodwa sinakho ukuyizwa lento ngaphandle kwesidingo sokuthi sicabangisise. Sinokuqonda ukuthi umdlwenguli akakwazi ukulokhu efunwa ukuthandwa yilowo amdlwengulile. Ukudlwengula kubi ngendlela eyisimanga,ngangokuthi umuntu odlwengula omunye kumfanele uma lowo amdlwengulile, nomndeni wakhe nabangani bakhe bengakhombisi uthando kumdlwenguli. Kodwa lokhu kuyiqiniso maqondana nasosonke isono. Nanoma yisiphi isono siyinto ebingamfanele uNkulunkulu nabanye abantu aboniwe ukuba uyenze kubona. Ngakho-ke, akekho umuntu onelungelo lokuthandwa.

Lokhu kuyiqiniso nakwindlela uMbhalo osuphoqelela ngayo ukuba sithande. Akukho ndawo kwiMibhalo lapho kuthiwa “ Ufanelwe ukuba uthandwe”, kodwa Umthetho kaNkulunkulu wonke, ngakube yilowo owanikezelwa kuAdam, uEva, uKhayini noAbela, kungabe yilowo owanikezelwa kumaIsrayeli ngoMose, kungabe uMthetho kaKhristu onikezelwe eBandleni, kungaba ngisho umthetho oqoshwe konembeza bethu, konke lokhu kufingqwe ngalamazwi “ Ufanele ukuthanda”.

Woyithanda iNkosi,uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho. Owesibili yilo: Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.

NgokukaMakhu 12:30-31

Uma umthetho kaNkulunkulu udinga ukuba sithandwe, sonke besizoba necala lokungaleli ngenxa yamaphutha abanye abantu. Bekuzosenza sibe ngabangenathemba, ngoba ungakwazi kanjani ukwenza omunye umuntu ukuthi alalele.

Kodwa njengalokhu uMthetho kaNkulunkulu udinga thina ukuba sithande, kuwumsebenzi wethu nasemandleni ethu ukulalela. Manje lapho sinethemba, ngoba kukhona esingakwenza ngokushoda kothando kukomhlaba. Manje sesiyaqonda ukuthi uNkulunkulu uBaba wethu wenze kanjani ukuba angasibaleli izono zethu, kodwa wasikhombisa olusixolele izono zethu (Hebheru 8:12). Maanje, ngokulandela ezinyathelweni zeNkosi yethu, singalukhombisa uthando ngisho singathandwa ( 1 ekaJohane 3:16). Manje, ngomsebenzi kaMoya, singakhombisa uthando njengesithelo saPhezulu sempilo yethu ( Galathiya 5:22).

Okwethu okuyincazelo, nezinga, nesibonelo kanye nendlela yokulwenza isenzo uthando akusilona uthando esilukhombise ngesikhathi esidlulile, noma uthando esuluthtola kwabanye, noma uthando esizithsela ukuthi lusifanele. Okwethu okuyincazelo, izinga, isibonelo nendlela yokulwenza isenzo uthando nguNkulunkulu wothando osithandile thina ukuze sizothanda abanye (1 ekaJohane 4:19).

Njengalokhu sikhulisa izinga lokuhleleka kokucabanga komphakathi ngokuthi zikhule ngokokuhlakanipha, njengalokhu sikhulisa izinga lokuhleleka kokulawula imizwa komphakathi ngokuthi sikwazi ukulawula imizwa yethu kangconyana, kanjalo sikhulisa izinga lokuhleleka kothando komphakathi ngokuthi sithi ukukhula ekukhombiseni uthando.