Kungani abantu bemelana noNkulunkulu weqiniso

Why mankind resist God

UNkulunkulu weqiniso uhluke kakhulu kubona bonke abanye onkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi bonke abanye onkulunkulu bayizidalwa ezidalwe ngabantu ukuthi babe sesikhundleni sikaNkulunkulu weqiniso.

Kungani izinkolo zamanga zikhona? Yini le ekumuntu emenza amelane nesambulo esivela kuNkulunkulu sinenkazimulo yonke nokuphelela konke?

Kungani kube wukuthi kuvele kube lula kuwena ukuthi umelane neqiniso ngoNkulunkulu?

Incwajana encane ka-1 kaJohane eBhayibhelini iyasinekeza izizathu ezimbalwa zokuthi kungani kulula ukusungula ezinye izindlela ezisobala ezingena esikhundleni sikaNkulunkulu weqiniso,noma sisungule izinguquko ezincane kuNkulunkulu weqiniso. Zonke lezizindlela nezinguquko zingukhonza izithombe okuthusayo, futhi zimelwe zilungiswe ( 1 kaJohane 5:21).

Okokuqala simelana noNkulunkulu weqiniso ngoba sithanda ukucabanga ukuthi asibabi kangako ( 1 kaJohane 1:8,10).

Noma, simelane noNkulunkulu weqiniso ngoba sifuna ukukholwa izaba zethu zokungathobeki ngokulalela ( 1 kaJohane 2:4).

Kwesinye isikhathi kungenxa yokuthi sifuna ukubandlula ekuthandeni kwethu abanye ( 1 kaJohane 2:9,11) ngendlela yokuthi size sishintshe indlela yethu esibuka ngayo uNkulunkulu ihluke kuleyo Yena ayambulile.

Isizathu sesine sokuthi kungani abantu bathande lezizindlela ezisesikhundleni sikaNkulunkulu weqiniso yingoba sifuna ukuthanda izinto ezimbi ngaphezu kwezinto zikaNkulunkulu (1 kaJohane 2:15).

Noma nje yingoba sifuna uJesu abeyilento thina esithi Yena uyiyona ( 1 kaJohane 2:22-23a) ngoba nje thina singathandi loluhlobo lwesimo esiphelele lesi athi Yena qobo Lwakhe uyiso.

Simelana nohlobo lwesimo uNkulunkulu weqiniso ayiso ngoba, ekujuleni kwenhliziyo, siyayizonda ngempela imithetho ( 1 kaJohane 3:4, 8,10) futhi asifuni ukukwamukela ukuthi singaphansi kokubusa kukaNkulunkulu.

Isizathu esivamile okungesesikhombisa ekumelaneni noNkulunkulu weqiniso yingoba, ukwenzela ukuzithethelela, sifuna ukuthambisa ubuhle beqiniso ( 1 kaJohane 3:12), futhi njengalokhu uNkulunkulu elungile futhi emuhle ngokuphelele, sisungula unkulunkulu ohambiselana nathi engathi lokho kuzoqinisekisa ukuphepha kwethu ngoSuku lokwaHlelela.

Okokugcina, futhi okufanelekile ukuthi kushiwo, simelana noNkulunkulu weqiniso ngoba sifuna ukuthanda izinto kunokuthanda abantu ( 1 kaJohane 3:17). Ngaphezu kokuba sithanda uNkulunkulu oluthando, empeleni asifuni ukuthanda lowo kuNkulunkulu ngenhliziyo yethu yonke. Enye ingxenye yenhliziyo yethu isakhangekile yizinto ezingenamsebenzi futhi eziyizinto zesikhashana.

Yonke lemizwa yemvelo isenza simelane noNkulunkulu weqiniso.

Kungakho uJohane uMbhabhadisi wamemeza kakhulu kubantu “Phendukani!” Shiyani ukushisekela kwenu, kholwa ngokuqinisekile konke lokhu uNkulunkulu akwembulile ngokusobala ukuba uyikona, bese uyasindiswa.

Scroll to Top