Ukuphendula kwindlela yokukhonza yamaRoma Akhatholika ngeminyaka yama- Dark Ages ( Dark Ages- isikhathi esiyiminyaka ewu-500 ngemuva kokuwa kweRome ngonyaka kaAD 476) , abanye ababengama-Reformer nababa-ngamaReformer banquma ukumisa zonke izinto ezaziyimikhuba yokukhonza iBandla lamaRoma Akhatholika elalizenza, base baqala kabusha besebenzisa iBhayibheli njengomhlahlandlela okhomba ukuthi iyiphi indlela yokukhonza eyamukelekile noma engamukelekile yaMakrestu. Lokhu, eqinisweni, akusiwo umsebenzi olula. Yize noma eminingi yemithetho ecacile egunyaza noma enqabela indlela ethize yokukhonza inikezeliwe eMbhalweni, iBhayibheli lithule maqondana neziningi izindlela zokukhonza.
Isibonelo, uMbhalo uyalela ukufundwa koMbhalo esidlangalaleni ebandleni ( 1 kuThimothewu 4:13), kodwa awunikezeli ngohlelo lokufunda okumele lulandelwe oluhambisana nendlela efanele lapho kukhonzwa ngokuhlanganyela. Futhi awusho ngokusobala ukuthi ngabe ngumfundisi kuphela, noma abanye babonisi bebandla, noma amadoda asebandleni okumele badlale lendima yokufunda uMbhalo. Awukho nomthetho uMbhalo owuqophile ukuthi yiliphi ihumusho ekumele lisetshenziswe, noma lowo ofundayo iyiphi indlela ekumele agqoke ngayo. Ngakube kumele akhuleke ngaphambi kokufunda, ngemuva kokufunda, noma ngaphambi nangemuva kokufunda, noma awukho umkhuleko okumele wenziwe ohambelana nencwadi efundiwe na? ngakube incwadi ezofundwa kumele ihambelane nentshumayelo, kube incwadi ekuzoshumayelwa kuyo, noma kube yincwadi ehlukile kunaleyo yentshumayelo? Lezizinto azigunyaziwe futhi azinqatsheliwe ngokucacile, kodwa siyazi kahle kamhlophe ukuthi asikwazi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela ewumathanda wethu ( uyakhumbula kuLevithikhusi 10:1-2!). UNkulunkulu nguye onquma ukuthi iyiphi indlela yokuveza ukumkhonza eyamukelekile, noma engamukelekile.
Ngesikhathi se-Reformation kwasekukhona vele izindlela eziyisisekelo ezimbili ezokwengamela indlela yokukhonza. Zombili ziqinisekisa ukuthi imithetho ecacile egunyazayo noma enqabelayo eMbhalweni imelwe ukuthotshelwa. Kona-ke lezizindlela zombili zinokuhlukana, maqondana nezinto ezinomehluko omncane ezingacacisiwe ngokusobala eMbhalweni.
Indlela yokuqala iphendule ukungasho lutho koMbhalo ngento ethile kwaba ukunqatshelwa okungabekiwe ngembaba, kwase kuphendula izibonelo zoMbhalo zaba imiyalelo engabekiwe ngembaba. Lokhu kuholele kwezinye iziphetho eziyimibono yabantu, kodwa kwabonakala kuwusizo olukhulu kweziningi izindlela zokukhonza.
Enye indlela ithathe izibonelo zoMbhalo njengeziwusizo kodwa hhayi njengezinquma umthetho. Ukungasho lutho koMbhalo ngento ethile kwathathwa njengento eyijoka lababonisi bebandla kunye nebandla ukuba basebenzise ubuhlakani boMbhalo kuzo. Lokhu kungaphetha ngezimpendulo ezihlukene eMabandleni ahlukene, kodwa kuqhubeke kumise umehluko ocacile kulokho okusobala nokungekho sobala ngaleyondlela, okwambulwe nguNkulunkulu.
Uma ufisa incazelo emfushane yalokhu, bona lencwanjana “Unity in Church Order” ebhalwe nguRoger Beckwith , ingesiNgisi.