Why Do You Want To Be Successful?
Sonke sincamela ukuphumelela entweni ethile kunokuthi silokhu sihluleka. Ngokwemvelo siphokophelela lokho okuthuthukisa izimpilo zethu kunokubhidliza izimpilo zethu. Silangazelela ukwaneliseka, kunokuphoxeka. Kodwa kungani?
Kungani sifuna ukuphumelela? Ziningi izizathu ezinganikezelwa, kodwa asingalokothi sishaye indiva leso esikwiHubo 119:17
Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.
IHubo119:17
Kuyiqiniso ukuthi uma unempilo enhle ungadla izinto ezithe ukuba mnandi, ushayele izimoto ezithe ukuuba zinhle, ube namaholide akhokheliwe, uphokophelele ezemidlalo ezinhlobonhlobo, izinto ohalela ukuzenza kanye nezokungcebeleka. Kodwa wake wayilangazelela impilo ukuze uzokhonza uNkulunkulu kangcono?
Kuyiqiniso ukuthi labo abanemali banamandla okuthenga izinsiza zokufunda iBhayibheli ezisezingeni elihle. Kuyiqiniso ukuthi labo amanamahora okusebenza avulelekile bangakwazi ukuvakashela abantu abaningana basebandleni. Kuyiqiniso ukuthi labo abanezimoto ezinkulu bakwazi ukuthwala abantu abaningana ukuba yisa kwimicimbi yasebandleni. Kuyiqiniso ukuthi labo abanokuhlakanipha okukhudlwana bangakwazi ukusiza bonke abanye ukuthi baqonde izinto ezicanzinyana zesifundo sezwi likaNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi labo abanesiphiwo sokusungula izinto bangaqala imisebenzi yokukhonza eminingana. Kuyiqiniso ukuthi labo abanamakhono amaningana bangakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngezindlela eziningi ezahlukene. Kodwa kuyiqiniso futhi nokuthi kunzima ukuthi labo asebekhulile ekuthandeni lelizwe bangene eMbusweni waseZulwini.
Ungakwazi ukwenza okuningi embusweni kaNkulunkulu ukube uNkulunkulu ukunikezele impilo enothile. Kodwa ngempela ungakwenza? Noma mhlawumbe ukwenza kuthi ukuba yinto ephathekayo okwamanje, ngakube kukhona okwenzayo? Sebenzisa lelithuba lalokhu okuncane/okuningi onakho ukuba uphile bese uphila ngokokweZwi likaNkulunkulu. Ukuhlupheka akusona isisathu sokungaphili impilo engcwele, ngoba baningi abahluphekayo abangaMakhrestu ababhincisele nganxanye labo abacebile ekuthembekeni kwabo eNkosini, kodwa futhi kuhle ukukhulekela ukuphila kahle ukuze uzokwazi ukuthi uphile kahle bese wenza iZwi likaNkulunkulu libe yinto ebaluleke kakhulu empilweni yakho.
