Kungani uJobe aqhubeka nokukhonza?

Why did Job keep worshipping?

Ukuphendula umbuzo othi kungani uJobe aqhubeka nokukhonza uNkulunkulu, kungasiza ukuba siyibeka ngezigaba ezintathu zempilo yakhe indlela uJobe aveza ngayo ukukhonza

Isikhathi sokuqala yilapho uJobe ekhonza uNkulunkulu ngaphambi kokuba ukuhlasela kukaSathane ukholo lwakhe kuqale. Asazi ukuthi uJobe wasindiswa kanjani ngaphandle nje kokuthi wakhethwa nguNkulunkulu njengoba noNowa beno Abram bakhethwa. Ngokufakazelekayo uNkulunkulu kuningi akwambula kuJobe ngempilo yobungcwele nangokukhonza kwansuku zonke. KuJobe 1:1 sethulelwa lendoda ngesiqiniseko sobuqotho bakhe, ukwesaba kwakhe uSIMAKADE—indlela le yeTestamente Elidala yokuthi “ukukholwa kuSIMAKADE”, nokukhonza kwakhe okuwumkhuba oqhubekayo (Jobe 1:5). UJobe wayekhonza uNkulunkulu ngoba, njengoba kwenzeka nakithi, kwafika lapho esazi futhi esekholwa kuSIMAKADE.

Isikhathi sesibile yilapho uJobe ekhonza uNkulunkulu ebhekene nakho konke ukuhlasela kukaSathane ehlasela ukholo lwakhe. Yilokho ingxenye enkulu yencwadi kaJobe ekhuluma ngakho. Izinkulumo zikaJobe siyasivezela ukuthi kungani uJobe aqhubeka nokukhonza uNkulunkulu ngokuthembekile kodwa ebhekene nakho konke ukuhlaselwa—futhi khumbula, uJobe yena wayengazi no“Kungani?!” wakho konke ayebhekene nakho kodwa okwambuliw kithina kwisahluko 1-2! Naka amanye amavesi awukhiye achaza ukuthi kungani uJobe aqhubeka nokukhonza uNkulunkulu kuzona zonke izinhlupheko zakhe. UJobe wamkhonza uNkulunkulu, futhi waqhubeka nokumkhonza ngoba,

  • UNkulunkulu angenza konke akufunayo (UJobe 1:21; UJobe 2:10)
  • UNkulunkulu akabi sephutheni (UJobe 1:22)
  • UNkulunkulu uhlaniphile futhi unamandla ukudlula nanoma ngubani omunye (UJobe 9:2-4)
  • UNkulunkulu akasiye umuntu ophansi (UJobe 9:32)
  • UNkulunkulu ungcono ekubhekeni indaba yethu ukudlula thina (UJobe 16:19)
  • UJobe wayazi ukuthi kuzofika usuku lapho ezobona khona uNkulunkulu (UJobe 19:26-27)
  • UJobe wayazi ukuthi uNkulunkulu uyazi ukuthi uzosiphumelela isivivinyo (UJobe 23:10)
  • UJobe wayelokhu ethobele ngokulalela Izwi likaNkulunkulu usuku ngalunye (UJobe 23:11-12)
  • UNkulunkulu wayezokuqeda lokho Ayekuqalile kuJobe (UJobe 23:14)
  • UJobe wayazi ukuthi kuningi okukuNkulunkulu kunalokho esitshelwa yizinkinga esibhekana nazo (UJobe 26:14)
  • UNkulunkulu nguyena yedwa owazi ukuhlakanipha kweqiniso, thina sidinga nje ukumazi Yena (UJobe 28:28)
  • kuwukugagamela ukubuza uNkulunkulu (UJobe 40:1-5)
  • Izinhloso zikaNkulunkulu zizoma, Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuzonqoba,, futhi bonke abakuqondayo lokho bazophenduka (UJobe 42:1-6)

UJobe wathulula inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Wakhala kwisikhathi sonke sokuhlushwa. Wayekulangazelele ukwazi ukuthi kungani. Wakulalela ukwelulekwa wabe esezihlola naye. Kwabanzima ukukuqonda konke. Kodwa ukholo lukaJobe lwabhekana nesivivinyo, ngoba kukona konke okwamehlela, akazange akuyekelele lokho akwaziyo ukuba yiqiniso ngoNkulunkulu. Ngisho ngabe impilo yakhe yathathathwa kukho loko kuhlushwa, wayezobe ephothule kahle ngoba akazange akuyekelele lokho ayekwazi ukuba kuyiqiniso ngoNkulunkulu.

Isikhathi sesithathu yilapho uJobe ekhonza uNkulunkulu ngemuva kokuba ukuhlasela kukaSathane sekumile. UJobe waqhubeka wakhonza uNkulunkulu ngokuphenduka (Jobe 40:5) nangokukhulekela abangani bakhe (Jobe 40:8). Isizathu kungani uJobe aqhubeka nokukhinza uSIMAKADE kona esedlule kuzona zonke lezizinkinga yingoba wayeyinceku kaSIMAKADE (Jobe 40:7). USIMAKADE wabe esemubusisa kakhulu uJobe, futhi umlando wakhe eseshonile waufundeka ngokufanayo nowamanye abadoda okholo (qhathanisa uJobe 42:17 noIsaka kuGenesisi 35:29 noDavide kwincwadi yoku-1 kwiZikhronike 29:28). UJobe emlandweni waba wumuntu owuntanga noNowa beno Daniyeli ( Ezekeli 14:14,20) nanjengesibonelo kithina sonke sokubekezela okuqinile okholweni (ekaJakobe 5:11).

Impendulo emfushane kumbuzo othi “kungani uJobe aqhubeka nokukhonza uNkulunkulu?” yile: uJobe wayemazi uNkulunkulu, futhi yayingekho enye indlela kodwa kuphela ukukhonza uNkulunkulu.

Scroll to Top