KwiAlthare eliNgawe

At the Altar of Self

Mzalwane, useke wazibala zonke izinto osake wazenza umhlatshelo kwi-Althare elingawe? Izikhathi lapho ubungcwele obuncane benziwa umhlatshelo ukwenzela ukuthi isithunzi sakho sivikeleke, lapho ubudlelwano onabo ngokusondele nomunye baba wumhlatshelo ukwenzela ukuzithethelela wena, noma lapho ukulalela uNkulunkulu kwaba wumhlatshelo ngenxa yalokho okubona kuyilungelo lakho. Ngakube unawo umqondo wokuhlunga ubone lezozikhathi? Ngakube uyalubona uthando lokuzithanda oluvamile ezinhlizweni zethu futhi ngokujwayelekile lucima lokho esikwaziyo eMbhalweni ukuba kuyiqiniso, kulungile, futhi kuhloniphekile?

UJesu ubiza bonke labo abazoMlandela ukuba badele uqobolwabo (Mathewu 16:24). Yize noma ukuzicilwisa ekuzithandeni kungakwenza uzizwe engathi ekugcineni usuphila impilo yakho ephambili, eqinisweni lokho ngukufa komphefumulo wakho ( 1 Thimothewu 5:6). Uma kuqhathaniswa, umyalelo wokuzithiba ungowethu sonke (Thithu 2;2-6,12). Izwe liqhakambisa ukwakha iAlthare elingawe bese kulona wenza umhlatshelo wanoma yini; kodwa akusiyo indlela eya enjabulweni, futhi ngisho nakancane nje, akusiyo indlela yoMkhrestu.

Esikhundleni sokusebenzisa nokuqila abanye abantu wenzela uqobolwakho, uMkhrestu ucabanga abanye kuyibona ababalulekile ngaphezu koqobolwakhe (Filiphi 2:3). Esikhundleni sokucwebezelisa isithunzi esingoqobolwakho, uMkhretu unendaba nokukhonza abanye ( 1 Khorinte 10:24,33). Esikhundleni sokunakekela ukulunga okungawe, uMkhrestu ufuna ukulunga kukaNkulunkulu (Roma 10:3).

Mzalwane, ngakube yini oyenze yaba umhlatshelo ealthare elingawe? Ngakube akusiso yini isikhathi sokunikela ngoqobo kwakho wenzela ukuzuza kwabanye kanye nodumo lukaNkulunkulu?

Scroll to Top