Ukumesaba uSimakade isihloko esikhulu eMbhalweni, kodwa akunzima ukukubona empilweni yekholwa. Obunye bobufakazi obusobala bokumesaba uSimakade ukulalela uNkulunkulu ngoba nje uNkulunkulu Okhulumile. Ukulalela ngokukholwa kuphela kuwuphawu lwalabo abamaziyo uNkulunkulu.
UNowa uyisibonelo salokhu. KumaHebheru 11:7 ukukholwa kuNkulunkulu kuhlangana nokumesaba uNkulunkulu uma kukhulunywa ngobufakazi buka Nowa. Kungokukholwa uNowa akholelwa kuNkulunkulu. Futhi kwaba ngokumesaba uNkulunkulu ukuba uNowa alalele uNkulunkulu.
UNkulunkulu akazange amuphoqelele uNowa ukuba akholwe isithembiso sezikhukhula ezazizogcwala umhlaba wonke. UNkulunkulu akazange athumelele uhlobo oluthize locwaningo lwesimo sezulu sangesikhathi sikaNowa ukumkhombisa ukuthi isimo sezulu esizayo sinjani. UNkulunkulu wamtshela nje uNowa ukuba yini ezokwenzeka.
UNkulunkulu weza nje kuNowa necebo eliphelele, wamtshela kuzokwenzakalani, wamyalela ukuba akhe umkhumbi owawungakwazi ukumelana namandla amagagasi olwandle aphakeme ngamamitha ayi-30. Umbhali wencwadi yamaHebheru uthi uNowa walalela ngoba wayemesaba uNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhuluma, ngisho kuthiwa Uthini, uNowa wayezolalela. Ukumesaba uSimakade kwamenza uNowa walalela ngokukholwa kuphela.
UNowa wayazi ukuthi ukucabanga komuntu nesikhathi sokunakisisa akusho lutho uma kukhuluma uNkulunkulu. Buka nje kwisahluko lapho kukhulunywa khona ngokwakhiwa koMkhumbi kuGenesisi 6. UGenesisi 6:13-21 yinkulumo yokuqala kaNkulunkulu ekhuluma noNowa. Ifaka phakathi nesexwayiso nayoyonke imiyalelo. Bese kwivesi lama-22 kuqoshwe ngokwakhiwa komkhumbi. Cishe yiminyaka eyi-100 ebalwa lana kwivesi lama-22! Ukuba umuntu owesaba uSimakade alalele ngokuphelele, isikhathi esidingakalayo ukuba alalele asisho lutho. Cabanga sonke leso sikhathi sibalwa kwivesi elilodwa nje kwaphela. Njengoba vele sisazi isiphetho sendaba, siyazi ukuthi uNkulunkulu waye qinisile, ngakho kuyinto enhle ukuthi uNowa walalela.
Ukumesaba uNkulunkulu kwakha ukulalela koqobo okwakhele kuphela kukho ukukholwa kuNkulunkulu.
Uma uNkulunkulu ekushilo, lokho kusho ukuthi yinto ekulungile ukuba yenziwe, ngakho ngizoyenza.