Ngike ngahlala ngaphansi kwabashumayeli abambalwa ababukeka engathi babona ngqo emphefumulweni wakho uma beshumayela. Baqondanisa amehlo abo nawe, umzuzu owodwa ophelele, bakubhekisise ngendlela yokuthi umzuzu owodwa ufane engathi ingunaphakade. Ilokho uNkulunkulu akwenzela imiphefumulo yethu kwizincwadi ezifana nakwabaseKholose 3:18-4:1 ( nezinye eziningi, isibonelo kwabaseEfesu 5-6, Thithu 2)
KwabaseKholose 3:18 “Bafazi”
KwabaseKholose 3:19 “Madoda”
KwabaseKholose 3:20 “Bantwana”
KwabaseKholose 3:21 “Boyise”
KwabaseKholose 3:22 “Zinceku”
KwabaseKholose 4:1 “Makhosi”
Kuqonde ngqo. Cishe wonke umuntu kulomhlaba ufuna ukuba ngolangazelele okukamoya ngokusezingeni eliphakeme, kodwa cishe akekho kulomhlaba othanda lelizinga loku khomba komunwe.
Izimemezelo eziseMbhalweni ezibizela umuntu kubungcwele bukamoya beqiniso ziyaqinisekisa ngokukholwa ngokwaneliseka, kungani pho uNkulunkulu enze uPawuli ukuba akhombe umunwe wakhe ngokuqondile kumaqoqo ahlukane ebandleni laseKholose? Isizathu sokuthi kungani kunikezelwa imiyalelo eqondile ngalendlela, yingoba ukulangazelela kukamoya kubonakala kahle kubudlelwano bakho onabo nabantu abasondelene nawe nsuku zonke.
Uma bungekho ubungcwele obufuze obukaKrestu kubudlelwano onabo nabantu abasondelene nawe nsuku zonke, akukwazi ukuthi kungaba khona ukulangazelela kukamoya kuwena. Iculo eligijima nemizwa ngeSonto alisikho ngokusempeleni ukulangazelela kukamoya kweqiniso- ukuthembeka emshadweni, kungakhuluma okukhulu ngokuziphatha koMkrestu. Ukuqondisisa ngokugcwele ngesifundiso sokulungisiswa akusikho empeleni ukulangazelela kukamoya kweqiniso- kodwa ubungcwele obuqhubekayo ekwenzeni umsebenzi wokuba umzali kuqinisekisa ukuthi uKrestu uyawenza umsebenzi kumzali nabantwana bakhe. Inkulumo mpikiswano ngo-Israyeli nangeZikhathi Zokugcina akusikho empeleni ukulangazelela kukamoya kweqiniso- kodwa indlela yokuziphathi enentokozo nokukhuthala emsebenzini ikhuluma okukhulu ngokuthembeka kwakho kuJesu Krestu.
Ubudlelwano bakho nomndeni wakho kanye nalobo onabo nabantu osebenza nabo abusiso isiqalo sobungcwele (inhliziyo yakho iyona isiqalo), kodwa ubudlelwano nomndeni wakho kanye nalobo osebenza nabo iyona izona eziyindawo ehlolisisayo ukuthi kuyiqiniso kangakanani ukulangazelela kwakho kukamoya.
Lalela ukuthi omunye umbhali uyibeka kanjani:
Ukulangazelela kukamoya kweqiniso kuphathelene “nempilo yangempela”. Abafundisi bamanga bakhangise amacebo enze kwaba engathi ukulangazelela kukamoya okwalabo abayingcosana ababalulekile abafinyelele olwazini oluse’zingeni “eliphezulu”, babhekena nezimo eziyimfihlakalo, noma bagcina uhlobo oluthize lwemithetho. UPawuli ubhekisa amakholwa kwenye indawo. Ukulangazelela kukamoya akusiyo into ebonakala inkulu, emangalisayo noma engenakwenzeka. Kungukuthobeka kubukhulu bukaKrestu obuzoletha ushintsho kwisimilo sethu kanye nokuguqula isimo sobudlelwano esinabo nabantu abahlukene. Inkundla yobudlelwano iyona inkundla enhle yokuhlola ukulangazelela kukamoya okuwungqo”
Adapted from Max Anders, HNTC, Col 3:18.
Yingakho uNKulunkulu ngokuvamile ekhomba umunwe Wakhe ngqo kithina, egxilisa iQiniso phezu kwezimpilo zethu.