Imitate What is Good (3 John)
Ukulingisa lokho okubi kulula; ukulingisa lokho okuhle kunzima.
Kulula ukulingisa igama elihlambalazayo elikhulunywe ngentukuthelo kunesicomo esikhulunywe ngokubonga. Kulula ukulingisa umkhuba wokuba nomhobholo kunomkhuba wokwenza isihle. Kulula ukulingisa abaziphakamisile kunokulingisa abazithobile. Kulula ukulingisa inkohlakalo kunokulingisa ukulunga.
Isizathu sokuthi kungani kulula ukulingisa lokho okubi umakuqhathaniswa nokulingisa lokho okuhle yingoba kulula kithini ukuqaphela okubi okwenziwayo kunokuqaphela okuhle okwenziwayo. Siqaphela isenzo esihlose okubi masinyane kunokubona isenzo sesihle. Sizwa igama lenzondo ngokucacile kunokuzwa igama lozwela. Sibona kalula ububi kulomhlaba kunokuba sibona ubuhle obenziwa abanye.
NjengaMakhrestu sidinga ukuthi siyiguqule leyomikhuba yemvelo. Sidinga ukuthanda kalula kunokuba sizonda. Sdinga ukuqondisisa ukuthi yini okuyiqiniso kalula kunokukholwa lokho okungesilona. Sidinga ukulingisa lokho okuhle kalula kunokuba silingisa lokho okubi.
Yilokho uJohane ayisibonelo sakho aphinde futhi akuyaleze kwincwanjana ebizwa ngokuthi eyesi-3 kaJohane. Yincwanjana enomuzwa wothando lobuzalwane ayilobele umzalwane okwakuthiwa uGayu, lowo uJohane ayesebe nokumthanda ( 3 kaJohane 3:1-2). UGayu wayesenze iQiniso “iqiniso lakhe”, futhi yena qobolwakhe wayephila ngokwaleli-Qiniso (3 kaJohane 1:3). UJohane wakuqaphela lokho, wazizwela yena intokozo ngokubona idumela likaGayu lokuphila iQiniso ( 3 kaJohane 1:4). Kodwa futhi uJohane waqaphela ukuthi uGayu wayefaka umfutho omkhulu ekuthandeni abazalwane. UGayu wayezibona njengomsebenzi ebandleni lakhe esiza abazalwane ngezindlela eziphathekayo kakhulu ngokungangamandla akhe ( 3 kaJohane 1:5-8). UGayu impela wayesephendule amatafula kwimikhuba yalomhlaba; uGayu wayesekuthole kulula ukuhamba eqinisweni kunokuhamba kulokho okungesilo iqiniso, futhi uGayu wayesekuthole kulula ukusebenza ngokothando, kunokuhlala agoqe izandla angabi nandaba. UGayu wayesezizwele lokho wonke uMkhrestu weqiniso okufanele azizwele kona—ukuthi ngomsebenzi kaNkulunkulu ezimpilweni zethu, sithola iqiniso nothando kulula ukukulingisa kunamanga nezono kwalomhlaba osekujwayelekile.
Kodwa, ngeshwa, akusiye wonke umuntu ebandleni owayenjengo Gayu. Kunalokho, kwakukhona indoda igama layo uDiyothrefesi owayeziqoke njengomuntu onedumela ebandleni, wayesebenzisa ukukhuluma kabi ngabanye, ukucwasa, nokwahlukanisa njengezindlela zokuziphakamisa yena (3 kaJohnae 1:9-10). Ngakho uJohane wamxwayisa uGayu ukuthi angabukeli kulokho okwakwenziwa uDiyothrefesi, futhi angaqali ukulingisa lobobubi; esikhundleni salokho uGayu kwakumele agxile kulabo ababesathembekile ekwenzeni okuhle ( 3 kaJohane 1:11)—njengalokhu lokhu naye wayenza. Ngoba kangangokuba uDiyothrefisi wayeyisithombe sazo zonke izindlela eziphambene zempilo yoBukhrestu, kwakukhona omunye okwakuthiwa uDemethriyu, njengoGayu, waye sedlondlobale ngokwedumela elihle kakhulu kubona bonke labo abathanda iQiniso futhi abahamba kulona ngokungokwabo ( 3 kaJohane 1:12).
Sidinga njalo ukukhunjuzwa ngalokhu. Wonke amabandla analabo abahamba ngokweqiniso ngempela futhi abathandanayo. Wonke amandla futhi analabo abanezinhloso ezingezinhle, futhi bakukhombise ngokwenzelela uma sekuziwa eqinisweni nangokuzithanda bona esikhundleni sokuthanda abanye. Ungalingeke ukuba ulingise lowo obhedayo! Lingisa labo abakuthola kulula ukukholwa iqiniso kunokuthatha kalula amanga. Lingisa labo abakuthola kulula ukuthanda abanye kunokuzithanda bona.
UJohane wayengazipholela nje angabhali incwanjana ekanje, kodwa kunalokho wakuthola kulula ukukhuthaza uGayu othandweni naseqinisweni kunokuba angenzi lutho. Kodwa, emazwini akhe okuvala, uyavuma ukuthi uzokuncamela ukuthi athathe uhambo oluza kuye uGayu bese ekhuluma naye umlomo nomlomo kunokuvele ahlale abhale lencwadi ( 3 kaJohane 1:13-15).
Kwangathi sonke singakuthola kulula ukufaka umfuthi omkhulu ngenxa yeQiniso, kunokuhamba endleleni lapho kukuncane khona ukumelana nezinto.
