What your attitude says about the Holy Spirit in you

NjengoMkhrestu unoMoya Ongcwele. Kodwa, indlela ovame ukubuka ngayo izinto iyona eyisivivinyo seqiniso sokuthi uyiphila kangakanani impilo egcwaliswe ngoMoya Ongcwele. Bheka nje ukuthi ibhayibheli lithini ngomsebenzi kaMoya Ongcwele wokulingisa indlela obuka ngayo izinto.

kodwa nigcwaliswe ngoMoya,niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,nithobelane ngokumesaba uKhristu.

KwabaseEfesu 5:18-21

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

KwabaseGalathiya 5:22-23

Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza kuMoya Ongcwele

KwabaseRoma 14:17

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

KwabaseRoma 15:13

Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

IZenzo 13:52

Konke okuhle ngempilo yoMkhrestu kukhiqizwa nguMoya kaNkulunkulu. Ukuthandeka noma ubumuncu bendlela obuka ngayo izinto kusho lukhulu ngokuthobela kwakho uMoya Ongcwele.