Amadoda nabesifazane abanesibindi bangabantu abahlonipha uhlu oluthile lwezinto ezibalulekile futhi abaphila ngeqoqo lemigomo ethize eshiwo ngokucacile. Amavaka azazisa wona kuphela futhi aphila noma ikanjani ngananoma iyiphi indlela ayibona ifaneleka ngalesosikhathi. NjengaMakristu kufanele siyeke izindlela zethu zobuvaka sithathe isibindi. Sidinga iZwi likaNkulunkulu ukuba lichaze lokho esikwazisayo, futhi sidinga iZwi likaNkulunkulu ukuba liqondise ukuphila kwethu ngokuvumelana nemigomo enobuhlakani.
Amazwi ashiwo uNkulunkulu kuJoshuwa ayabonakala:
“Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle”.
UJoshuwa 1:7-8
Ngokufanayo isibindi kanye nempumelelo ka-Ezra enkonzweni kubangelwa ubuchwepheshe bakhe bokufunda, ukwenza, nokufundisa iZwi likaNkulunkulu (Ezra 7:10).
Umbhali weHubo 119 wema ngesibindi phakathi kwezinkinga ngenxa yokuzinikela kwakhe eZwini likaNkulunkulu (IHubo 119:5-6).
UJesu waba nesibindi kwaze kwaba sekufeni ngoba wayezinikele ekwenzeni intando kaNkulunkulu eyambuliwe (Johane 6:38).
Umphostoli uPawulu wayenesibindi njengesithunywa sevangeli ngoba wamukela iZwi likaNkulunkulu njengokuthi liwuhlu lwakhe olunemisebenzi ekumele yenziwe futhi waphilela ukujabulisa uNkulunkulu (1 Thesalonika 2:2-4).
Bonke laba, nabanye abaningi, bawuqeda umncintiswano ngempumelelo enkulu, ngenxa yokuthi babeqhubeka bezindla ngeZwi likaNkulunkulu.
Ukudla imiBhalo nsuku zonke kuyisitatimende esikhulu sokuthi uphila ngobuvaka noma unesibindi kangakanani namuhla.
