Uma kuza ekuboneni ingcweti ngokuvamile sibheka isipiliyoni nemfundo kwalowo muntu. Nakwizinto ezijwayelekile ezithinta impilo yalapha emhlabeni lokhu kuyiqiniso. Kuyadabukisa, nokho, kodwa sivame ukubheka isipiliyoni nemfundo yomuntu uma sibheka ongcweti kwizindaba eziphathelene nemiphefumulo yethu. Iqoqwana lwemikhakha selize lafaka phakathi kumagama alemikhakha negama lomphefumulo, u”psych-“ kwizihloko zalemikhakha ukuze bezosenza sikholwe ukuthi ongcweti bezinto ezithinta umphefumulo yilabo abathole uqeqesho ezikoleni eziphambili ezifundisa ukuthi yonke into ngempilo ilele kwimicabango yomuntu nakwisayensi, bephikisa nokholo ( humanistic schools), futhi yibo labo abanesipiliyoni seminyaka eminingi benza ucwaningo kanye nokululeka abantu.
NjengaMakrestu, kumele sazi kangcono kunokuba sibheke imfundo nesipiliyoni njengembandela emiselwe ukubheka ongcweti kwezemiphefumulo. NgokwaMahubo 119:99, umzalwane ingqondo yakhe egcwaliswe ngoMbhalo ugogodile ukuba ngumeluleki (counselor) ukudlula uphrofesa onohhide lweziqu zama PhD’s. Ivesi elilandelayo, kuMahubo 119:100 liyanezezela masinyane labo asebekhulile ngeminyaka amanesipiliyoni sonke, njengalabo ngokujwayelekile abathathwa njengongcweti kwezempilo, liyaphinda liyasho ukuthi umzalwane ohamba ngokweMibhalo ugogodile ngaphezulu kwabo ukuba abe ngumeluleki. Njengamazwi athathiselwa kuCharles Spurgeon:
Amadoda ahlakaniphile ngokubhedayo yilawo azi kangcono kuneBhayibheli
Charles Spurgeon
Ongcweti beqiniso bezindaba zangaphakathi zenhliziyo, umphefumulo nengqondo yomuntu, abantu abangadumile abangebona ngisho nabaziwayo emiphakathini. Labo, Amakrestu ajwayelekile, athembekile, anobunkulunkulu anolwazi lweBhayibheli futhi ayakuphila lokhu akufunda kulo, ekuphokopheleni kwawo ubungcwele. UNkulunkulu waqinisekisa ngoPawuli ukuthi Amakrestu amagama awo angaveziwe, asebandleni eliphilile, aneMibhalo yawo, ehamba nohambo loBukrestu, yiwo angongcweti ukunikezela usizo komunye nomunye ukuba kunqotshwe izigqinamba zempilo (kwabaseRoma 15:14)
Amahubo 119:52 Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.
Amahubo 119:92 Ukuba umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Amahubo 119:98 Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.
Amahubo 119:104 Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.
Amahubo 119:105 Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
Amhubo 119:130 Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya
Amahubo 119:160 Amazwi akho wonke ayiqiniso