Njengamakholwa simelwe ukuba sishintshe uhambo lwethu oludala ngokuthi sikhumule umuntu omdala wenkambo yakuqala. Kushukuthi akusamelanga siphile ezonweni esasicwile kuzona singaka kholwa.
Kuye kwenzeke uma umuntu okholwayo elandisa abanye abantu, ngakube bayakholwa noma abakholwa, ebalandisa ngempilo yakhe engakakholwa akhulume aziqhenye ngalokho ayeyikona engakakholwa. Yebo, kuyiqiniso usuke engasekwenzi ngoba useyakholwa. Kodwa usuke esafuna ukwaziwa ukuthi wayedakwa kanjani utshwala, wayeyisoka elingaconsi phansi, wayeyidla kanjani imali, wayehlupha kanjani eskoleni nokunye okuningi ongakubala. Uma elibheka imuva lakhe ulibuka ngamehlo entokozo aletha nokumoyizela emlomeni wakhe, lokhu kumakhele udumo nakulabo axoxa kubona.
Yizwa uthini uNkulunkulu uma ecacisa impilo yethu singakakholwa“…umuntu omdala wenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo” kwabase-Efesu 4:22. Ngakho singazigqaja kanjani ngenkohlakalo? Yebo, asisakwenzi, kodwa indlela esikhuluma ngayo ngakho iveza lukhulu ngemicabango nangenhliziyo yethu ngakho.
Njengabazalwane, asikwazi ukujabuliswa inkohlakalo ngisho naleyo esasiphila kuyo singakakholwa. Ukuthi asisakwenzi, akusiniki igunya lokuthokoziswa yikho. Masifakeni amandla ekwenzini esiyalelwe ngakho njengalabo asebengabantwana bakaNkulunkulu ukuthi, “nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,” ngaleyondlela siyothi uma siyibheka inkambo yethu singakakholwa sibubone ububi bayo,siyibonge iNkosi yethu uJesu Khristu ngalakho eyasenzela kona. Nalabo esikhuluma kubo siyikhulume ngoba sifuna ukuveza umusa omkhulu uNkulunkulu asenzele wona ngeNkosi yethu uJesu Khristu.
Masihlole izinhliziyo zethu lapho sinikezela ngobufakazi bethu.