Ngakube bungani Ubukhrestu?

What is Christianity about?

Ubukhrestu yiyo kuphela inkolo ebuyisela endaweni ubudlelwano bethu obaphukile esinabo noNkulunkulu (ngokukaJohane 14:6).

Ekuqaleni, ngesikhathi lapho uNkulunkulu endala izinto zonke, uNkulunkulu wenza nabantu ababili bokuqala, uAdamu noEva (Genesisi 1:27). Babenobudlelwano obuhle noNkulunkulu, uMdali wabo.

Bona-ke kodwa, bakhetha ukungamulaleli uNkulunkulu. UNkulunkulu, Yena enguNkulunkulu olungile, wabajezisa ngenxa yezono zabo (Genesisi 3). Njengoba uAdamu noEva benza isono, wonke umuntu, kubalwa phakathi nawe nami, sonile (KwabaseRoma 3:23). Ubudlelwano bethu noNkulunkulu buphukile. Sonke sizakufa ngelinye ilanga, bese sima phambi kukaNkulunkulu ukuze sahlulelwe (kumaHebheru 9:27). Ngenxa yesono sethu sizophoswa echibini lomlilo ingunaphakade (ngokukaMathewu 25:41). UNkulunkulu, ngokwesihawu Sakhe esikhulu, wenzile indlela yokuthi ubudlelwano bethu Naye bubuyele endaweni.

UNkulunkulu uthumele Indodana Yakhe okuphela kwayi, uJesu, ukuba afele izono zethu. Isono sijeziswa ngokufa kwaphakade (KwabaseRoma 6:23), kodwa uJesu, ongakaze enze isono, wakhokha inhlawulo ebekumele ikhokhwe yithina. Izwi likaNkulunkulu elibhalwe phansi, iBhayibheli, lithi ngaphandle ngokuchitheka kwegazi, akukho ukuxolelwa kwezono (Hebheru 9:22). Kungakho uJesi wabethelwa. Igazi Lakhe laphalala ukuze libe isijeziso esimukelekile sezono zethu. UJesu, ngokufa Kwakhe, wenze ukuthi ibekhona indlela yokuba izoni ezifana nawe nami zibuyiselwe esimweni esifanele noMdali wethu (2 kwabaseKhorinte 5:21). Ubutha bethu kuNkulunkulu ngenxa yesono sethu , bungaguqulwa bube wukuba noNkulunkulu njengoBaba wethu ngokokomoya. UJesu Nguye kuphela oyindlela yokubuyisana (1 kuThimothewu 2:5).

Ukufa kukaJesu abuvele nje benze ubudlelwano bethu noNkulunkulu bubuyele esimweni esifanele. Simelwe sikholwe ukuthi uNkulunkulu wathumela uJesi ukuba azofela izono zethu, futhi simelwe ukuvuma ngokuqinisekile ukuthi uJesu unguMsindisi wethu (KwabaseRoma 10:9-10).

Singasindiswa echibini lomlilo waphakade kuphela uma sikuvuma ukuthi siyizoni ngokwemvelo, sikuvuma ukuba ngeke sikwazi ukuzisindisa thina, bese sicele uJesi ukuba asixolelel izono zethu bese esibuyisela kuNkulunkulu (1 ekaJohane 1:8-9)

UJesu wathembisa ukuthi ngeke akuyekelele uma ucela Yena ukuba akuxolele izono zakho bese ekubuysela esimweni esifanele noNkulunkulu. Ukuphila impilo ngokwemigomo kaNkulunkulu angeke kuhlezi kulula, kodwa uNkulunkulu uyathembisa eBhayibhelini ukuthi Yena uzothumela uMoya Oyingcwele Wakhe ukukuqinisa (ngokukaJohane 14:15-16). Bala ukuthi kubiza ngakakanani ukuba nguMkhresu, kodwa ungasizibi lesisixwayiso. IBhayibheli lithi kumiselwe ukuba umuntu afe kubekanye, bese ngemuva kwalokho kufike ukwahlulelwa (Hebheru 9:27).

Lungisa indaba yakho noNkulunkulu. Zitholele iBhayibheli bese uyalifunda lonke. Bese uthola ibandla elishumayela iBhayibheli, bese ufunda ukukhonza uJesu Khristu.

___

Lepost iqukethe umqondo wezincwajana ezikuyo le-website. Khetha u ‘Resources’- ‘Share the Gospel’ kwi-menu ezovela, noma cindezela la here ukuvula lencwanjana ekwi-format yePDF.

Scroll to Top