Ngakube ukuphenduka kwakho okuyikho na?

Is your repentance real?

Ngokusobala ukusulela icala kwabanye, ukuzithethelela, nokungabinandaba nokwenzeka kwabanye abantu akuzona izinto ewubufakazi bokuphenduka koqobo. Kodwa futhi nezinyembezi, nokuphuka emoyeni, nezethembiso ezigcwele intshiseko yokuthi ngeke ngiphinde ngisenze lesosono futhi. Abanye abantu bayakhala, abanye abakhali, abanye bayezwela kakhulu, abanye abanjalo, ngaphezu kwalokho, kukhona nokuzenzisa. Amakholwa adinga ukuqonda okungombono ongokweBhayibheli yalokho okuwukuphenduka kweqiniso nokwamanga.

Funda Abehluleli 10:6-16

UNkulunkulu uyakulahla ukuzama ukuphenduka kokuqala kukaIsrayeli kwisahluko 1011-14, kodwa uyakwamukela kwisahluko 10:15-16. Kungani? Ngokokubheka umehluko wemizamo emibili kaIsrayeli, kusobala ukuthi ukuphenduka uNkulunkulu akwamukelayo kunezimilo ezine:

  1. Ukuvuma okungokomlomo ukuthi lokho okwenzekile yisono (v. 15, “sonile”).
  2. Ukuzimisela ukwamukela okuyiyonayona imiphumela the yesono esenziwe (v. 15, “yenza kithi noma yini obona ukuthi kufanele uyenze”).
  3. Isicelo esithobekile sesihawu ongasifanele—ngokomqondo ophikisa owokuzithethelela (v. 15, “kodwa sikhulule namhlanje”).
  4. Wukuzimisela ukuthatha amagxathu okuyeka leso sono bese esikhundleni saso wenza lokho okuwukuziphatha okudumisa uNkulunkulu (v. 16, “base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakde”).

Amazwi okuphenduka awanele. Kufanele kubekhona ukudalulwa kokudabuka okusobala okubonakala ekuzimiseleni ukwamukela imiphumela yesono nokuyeka ukwenza izaba. Futhi yini enhle ngokuphenduka okungayeki ukwenza isono bese kuqala kwenze lokho okulungile?

* lesifundo sithathwe kuJoel James, “Ukuphenduka: Okuyiqiniso noma Cha?” Grace School of Ministry, Counselling class*

Scroll to Top