Do you have an aura?
Kwizinto ezihunyushwa njengezinto ezikumoya ezisungulwe yilelizwe, kuvame ukukhulunywa ngeAURA (umoya othile ozungeze uqobo lomuntu). Kuthiwa ichaza ienergy (amandla) ethile ezungeze umzimba womuntu, ekwazi ukubonwa ngabathile, engathi ibonakala njengokukhanya okuyimibalabala ethile noma izwakele njengokukitazeka emalungeni omzimba, lokho ke kuhumushwa ngokwenkolelo lowo umuntu abambelele kuyona.
Kokunye, abantu abaningi, ngisho naMakhrestu, bayawamukela lomcabango weaura, kodwa uchazwe engathi ‘ivibe’ esuka kumuntu ithelele nabanye. Isibonelo, ungake uzwe uMkhrestu ethi “Loyamuntu une-aura enhle”, engakhulumi ngokubona umbala okhanyayo othile ozungeze umzimba womuntu, kodwa kunalokho esho indlela ebonakalayo umuntu aziphatha ngayo.
IBhayibheli, ngokusobala elizisho ukuba liwumpetha kwizinto ezibonwayo kanjalo nezingaphatheki ngezandla eziyingxenye yomuntu (Izaga15:11; Izaga 21:2; Izaga 24:12; Jeremiya 17:10; Hebheru 4:12-13), alikhulumi ngendaba yeaura yomuntu. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu ukhuluma ngenhliziyo yakho njengengxenye yokuba wumuntu engabonakali ngamehlo okuyiyo ebonakala kwindlela ophila ngayo (Izaga 4:23). Lisebenzisa amatemu anjengo umphefumulo, umoya, ingqondo, ukuchaza inhliziyo yomuntu. Uma ubona umuntu one “aura” enhle noma embi, kusuke kungesiyo into thizeni evumbuka emzimbeni wakhe, noma ‘ivibe’ ethize, kunalokho yinhliziyo yakhe evela ngendlela aziphethe ngayo.
Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Lukha 6:45
Amakhrestu abhumbelwe ngomqondo walelizwe ongesilona iqiniso weaura, noma mhlawumbe ngokuhambisana nokungcebeleka singasebenzisa leli elithi ‘ivibe’, lawo makhrestu kumele awushintshe lomqondo ngokusebenzisa igama elifanele. Uma umuntu ekhuluma ngeaura yomuntu, wena cabanga isimo senhliziyo, cabanga ingqondo, noma umphefumulo, cabanga isimilo.
Uma igama elidumile lingatholakali eMibhalweni, ungacabanga ukuthi akukhulunywa ngalo eMibhalweni; kunalokho, thola Iqiniso elingokoMbhalo ngalowo mqondo, bese usulungisa isilulumagama noma uhlelo lwamagama olimi ngendlela efanele.
Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya. Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.
KwabaseRoma12:1-2
