Are you sure that your sins are forgiven?

Lapho uNkulunkulu esindisa isoni bese exolela lowo muntu, izono Akazicwilisi kumbala obubende, noma into ekanjalo, ukukhombisa ukuthi izono zalowo zixolelwe. Isono asiveli njengomthwalo ophathekayo omnyama osemhlane womuntu njengesithombe esinikezwayo kwindatshana ethi uHambo loMhambi. Uxolo aluveli njengento ewumbala omhlophe owembhoze umuntu. Wazi kanjani ukuthi izono zakho zixolelwe okwangempela nguNkulunkulu?

Nazi izinto ezintathu ezinika isiqiniseko esivela kuMthetheleli wezono eziyindlela yokuthi wena njengalowo osethubeni lokwamukela uxolo lwaloluhlobo wazi ukuthi izono zakho zixolelwe ngoKhristu futhi ngeke zisakwenza ukuba ulahlwe.

Impilo yakho yenkolo ifana nempilo yakho yansuku zonke. Ukuba ngcwele ngeSonto bese ungabingcwele ngoMsombuluko kungubufakazi bobungcwele bamanga bangeSonto. Labo izono zabo zixolelwe bazothola ukuthi izikhathi ezibophezelwe ukudumisa, ukukhonza, nokuhlanganyela ziyizikhathi nje eziwuphumela owuvuthondaba lomzabalazo wosuku lonke.

Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso. Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

1 ekaJohane 1:6-7

Uyazivuma izono zakho ngokulindelekile ngaphezulu kokuziziba noma kokwenza izaba. Ukukwazi ukuzwela kwisono, bese kuba ukukholwa kubulungiswa bukaNkulunkulu ukuxolela izono kuyilona impela uphawu lokukholwa kweqiniso.

Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga uNkulunkulu, futhi nezwi lakhe alikho kithi.

1 ekaJohane 1:8-10

Uthemba umsebenzi kaJesu awenzele wena. Lokhu kuyakuhlukanisa ukukholwa okusindisayo kwangempela kuyona yonke imisebenzi yezinkolo zonke. Ungazizwa engathi izono zakho zixolelwe lapho usebenze kanzima ukuba nobunkulunkulu, kodwa ukuxolelwa izono kwangempela akuzi ngenxa yalokho okwenzile wena; izono zixolelwa kuphela ngenxa kaKhristu. Uma ukukholwa kwakho kukumsebenzi kaKhristu ukwanelisa ulaka lukaNkulunkulu oluphezu kwezono zakho, lapho-ke ungaba nesiqiniseko sezono ezixolelwe.

Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe.

1 ekaJohane 2:12

Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

1 ekaJohane 4:10

Ngakube uphila njengoMkhrestu kuzona zonke izinto ezithinta impilo nokukhonza? Ngakube uyazwela kwisono? Ngakube uncike kuphela kumsebenzi kaKhristu wensindiso ekulahlweni okuza ngenxa yesono? Lapho-ke uma kunjalo yazi ukuthi izono zakho zixolelwe nokuthi unokuphila okuphakade.

Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

1 ekaJohane 5:13