UNkulunkulu wakhetha ukusebenzisa igama inhliziyo njengegama eligqamile eMbhalweni ukubhekana nezimpilo zethu. Kodwa ngakube sinakho ngempela ukuqonda inhliziyo yethu ukuthi iyini?
Nakhu la okungamele uqale khona ukuze uqonde ukuthi yini uNkulunkulu ayilandelelayo uma Izwi Lakhe libhekana nenhliziyo yethu.
NgokweBhayibheli, ukuziphatha kulungiswa lapho “ulungisa inhliziyo yakho”(Jobe 11:3)
Ukulangazelela okukhulu ( okuhle noma okubi) “Ukulungisa inhliziyo yakho”( 2 Izikhronike 12:14) noma “ukwenza inhliziyo yakho ibelukhuni”(IEksodusi 10:1)
Isono sokuzibona ugcono, yilapho “inhliziyo yakho ikhukhumala”(2 IZikhronike 26:16)
Ukuba nokholo oluqinile yilapho “inhliziyo iqiniswa”(Amahubo 78:8)
Imizwa yokuzisola ifika lapho “Inhliziyo ihlabeka”( 2 Samuweli 24:10). Imizwa yenjabulo yilapho inhliziyo ithokoza ( 1 Samuweli 2:1), imizwa yokudumala yilapho kukhona “Ukudumala enhlizweni” (Nehemiya 2:2).
Ukuhlakanipha kwabahlakaniphile kuvela “kwinhliziyo ehlakaniphile”(IZaga 16:23), umuntu ongenakho ukuhlakanipha umuntu ongenayo inhliziyo (IZaga 11:12).
Loluhlu lungaba lude, kodwa cabangisisa lapho usakhuthazela ekuthandeni uNkulunkulu ngenhliziyo yakho yonke.